EzintshaKaizer Chiefs

IChiefs iyamdinga owakuleli kubaqeqeshi? UNabi uyaphawula

Njengoba iKaizer Chiefs idonsa kanzima, sekube neziphakamiso zokuthi umqeqeshi uNasreddine Nabi udinga iphini lakuleli ethimbeni lakhe elimsizayo.

Nokho yena uyasichita lesi siphakamiso sokuthi ukudonsa kanzima kweqembu lakhe kungenxa yokuthi ithimba lakhe alinaye umqeqeshi wakuleli onamava ePSL.

UNasreddine Nabi yena uthi ukugqoka imibala yeKaizer Chiefs kukodwa kwenza noma ngubani abe “yiKhosi,” futhi akuhlangene nokuthi ungowaseNingizimu Afrika noma cha.

Lo mqeqeshi odabuka eTunisia, oqokwe ngaphambi kokuqala kwale sizini, ufike nethimba lakhe. Akekho kubo osake wasebenza kwiPSL.

Abanye bakholwa ukuthi lokhu kuntuleka kolwazi lwakuleli kunomthelela ekutheni iChiefs ingahlangani ngendlela efanele futhi iphambane nenkwahla. 

Ukuhlulwa kwayo kwakamuva ngo 2-1 yiGolden Arrows kube wukuhlulwa kwayo kweshumi emidlalweni yeligi kule sizini futhi kwengeze ingcindezi kulo mqeqeshi.

Amanye amakilabhu afana neMamelodi Sundowns ne-Orlando Pirates, agcine amaphini akuleli ukusiza abaqeqeshi bangaphandle. 

ISundowns igcine uSteve Komphela noKennedy Mweene ngesikhathi iletha umqeqeshi wePortugal uMiguel Cardoso.

IPirates yona inoMandla Ncikazi osebenzisana noJose Riveiro oladwe eSpain eminyakeni embalwa edlule.

Abaningi bakholwa wukuthi la makilabhu ayazuza ngolwazi ollufakwa yilaba baqeqeshi bakuleli. Kodwa uNabi yena akavumi.

“Ngiyaphinda, amakhono awanabo ubuzwe,” kusho yena ngemuva kokuhlulwa yiGolden Arrows uma ebuzwa ngalokhu.

“Uyangizwa? Futhi ngaphambi kokuba ngifike eNingizimu Afrika, ngahlaziya wonke amakilabhu e-PSL nebhola lakuleli. 

“Uma ungangibuza ngomdlalo ongunombolo 28 (wangesizini edlule), ngizokunikeza izibalo zokusebenza kweKaizer Chiefs kuwo, futhi lokhu akuyona inkinga.  

“Uma ugqoka leli jezi (ekhomba ibheji leChiefs), ungowaseNingizimu Afrika, uyiKhosi,” kwengeza uNabi.

“Futhi inkinga ayikho ngobuzwe futhi sonke nengisebenza nabo, noCedric Kaze lo (ekhomba iphini lakhe), siyakwazi lokho.

“Uma ungumuntu owazi umsebenzi wakhe, awudingi isikhathi esiningi sokuhlaziya i-PSL.” 

UNabi ukholwa ukuthi ubungcweti nokuhlaziya okuphelele kubaluleke ukwedlula ubuzwe ebholeni.

IChiefs ihlezi endaweni yesishiyagalombili ngamaphuzu angu-29 emidlalweni engu-23. 

Izozama ukubuyiya isithunzi, ivale nomkhokha wenduku uma seyibhekene neTS Galaxy ePeter Mokaba Stadium ngoMgqibelo.