
Ezintsha ngo‘Vududu’ lweBucs oselukhala ezihlweleni
I-Orlando Pirates ingase ilahlekelwe ngomunye wabadlali bayo abasebancane abathokozisayo, uKarim “Uvududu” Kimvuidi.
Leli qembu linabadlali abahlaselayo abaningi abasebancane, kanti uRelebohile Mofokeng noMohau Nkota yibo abagqame kakhulu kule sizini.
Bobabili laba badlali abaqhamuke ezinhlakeni zeDDC bahlabe umxhwele kuleli futhi sebedonse namehlo amaqembu angaphandle.
Ukukhuphuka kukaNkota kunciphise amathuba kwabanye abadlali, okuhlanganisa noVududu.
UKimvuidi, ongunombolo-10 ngokwemvelo, ujwayele ukudlaliswa ophikweni kwiPirates okuyindawo ayixwayayo.
Indawo ayithandayo yena idlalwa nguPatrick Maswanganyi noma uKabelo Dlamini.
Komunye wemidlalo yakamuva, uMofokeng uke wasethwa kule ndawo ebalulekile njengoba ebengekho uMaswanganyi.
Lokhu kuhlehlisele uKimvuidi emuva kakhulu ohlwini lwababheke ukuthola ijezi kwiBucs.
Imibiko iveza ukuthi iPirates ivulelekile ukubolekisaa ngalesi sihlabani esisesincane esidabuka eDRC.
Nokho kuvela uukuthi uKimvuidi uzwakalise intshisekelo yokufudukela phesheya uma eshiya kwiPirates.
“UKimvuidi unekhono elihle kodwa uneshwa njengamanje,” kucashunwe umthombo usho kanje kwiSoccer Laduuma.
“Useqenjini elinabadlali abaningi abahle okusho ukuthi umbango wezindawo zokuqala umdlalo ushubile.
“Ngakho ukushintsha umoya, ngisho ngabe uyabolekiswa kungamsiza kakhulu abuyise umgqigqo wakhe.”
Lo mdlali kuthiwa uncamela ukuya phesheya kunokujoyina elinye iqembu kwiPSL.
Nokho, kubukeka kungeke kwenzeke kuleli windi ukuthi ahambe njengoba isikhathi singasekho nje.
