
Ayikacaci kahle ekaKhune kwiChiefs – kusaxoxwa
- Intatheli yeLISENETHINI
IKaizer Chiefs isikuqinisekisile ukuthi u-Itumeleng Khune ngeke aphinde abonakale enkundleni edlalela leli qembu.
Lokhu kuqinisekiswe yizikhulu ezimbili zeqembu uJesicca Motaung noKaizer Motaung Jr. ngoLwesine ebusuku.
UKhune, oseneminyaka engu-37, akekho eqenjini kumanje kwazise inkontileka yakhe yaphela ngoJuni.
Yize esenesifiso sokuqhubeka nokudlala, kodwa alikho iqembu elisha eselike lavela lafuna ukumsayina.
UJessica Motaung uthe iqembu lizimisele ngokugcina uKhune kodwa anikwe omunye umsebenzi eqenjini.
“UKhune ubeyingxenye enkulu yomndeni weKaizer Chiefs isikhathi eside.
“Sisezingxoxweni mayelana nendima entsha angayidlala,” usho kanje ngesikhathi exoxa neRadio 2000 ngoLwesine ebusuku.
Uchaze ukuthi basabheka isikhundla abangamnika sona, wathi bacabangela kwesokuba wubuso beqembu.
“Kumanje sinemihlangano ukudingida ngekusasa likaKhune, kanti ikilabhu ijabule kakhulu ngamathuba akhona kuye.
“Senza isiqiniseko sokuthi simgcina ekhona esibayeni saMakhosi,” kwengeza uJessica.
UKaizer Motaung Jr. uhambe emazwini kadadewabo, egcizelela ukuthi ukubaluleka kukaKhune eqenjini kudlulela ngale kwenkundla yokudlala.
Ukuqinisekisile ukuthi iqembu belivele likuhlelile ukuyekiswa kukaKhune ukudlala ngonyaka odlule.
“Ukusayinwa kukaFiacre Ntwari bekuyingxenye yalolu hlelo lwesikhathi eside,” kusho uJunior.
Amagalelo kaKhune kwiChiefs awanakuphikwa, kodwa manje sekubhekwe ukuthi angawenza ngobuchule yini nomsebenzi wakhe omusha.
