EzintshaNedbank Cup

Ukhale ngonozinti u-Ertugral ephindwa yinduku

UDarren Keet akakwazanga ukuuya esiwombeni sesibili somdlalo wabo womzuliswano wokuqala bebhekene neSekhukhune United ePolokwane ngoMsombuluko ebusuku. 

ICity igcine ihlulwe kulo mdlalo ngo 2-0, kanti unozinti u-Elson Sithole uzofisa ukusheshe awukhohlwe lo mdlalo.

Lo nozinti okhulele kwi-Orlando Pirates nguye othathe indawo kaKeet obesevukwe wukugula kodwa izinto azangamhambela kahle. 

“Besingakufanele namuhla. Asizange neze senze kahle kulo mdlalo… 

“Siphinde saphelelwa isineke ngathi sagcina sesigijima ndawonye,” kusho u-Ertugral ngemuva komdlalo. 

“Ukushintsha kukanozinti kube yinselelo kithina. Kodwa kuyinqubo yokufunda kithi.”

Uthe bebevele bethatha amashansi ngokuqalisa uKeet ngoba ubevele engalungile ngaphambi kokuqala komdlalo.

“Ubegula namhlanje ekuseni. Besazi ukuthi angase angakwazi ukuwuqeda umdlalo.

“Kodwa ukumdlalisa kube yinto esiyenze sazi ukuthi ingase ingahambi kahle,” kwengeza u-Ertugral.

ICity ayizange ingene egiyeni kulo mdlalo, futhi ngemuva kwesiwombe sokuqala, bekubukeka sengathi umdlalo ungase uye esikhathini esengeziwe. 

Kodwa uKatlego Otladisa ukuphikile lokho ededela ishodi elihle engaphandle kwebhokisi ngomzuzu ka-57. 

URelebohile Mokhuoane wenze kwaba ngu 2-0 kosokhaya nokwenze iSekhukhune yadlulela emzuliswaneni olandelayo.