
UFadlu Davids uphawula ngamahlebezi okubuyela kwiPirates
Umqeqeshi weSimba SC, uFadlu Davids, usephawule ngamahlebezi amhlanganisa nokubuyela kwi-Orlando Pirates.
Lo mqeqeshi waseNingizimu Afrika uthi naye uwazwile la mahlebezi kodwa iPirates ayikaze ixhumane naye ngalo msebenzi.
Njengamanje iPirates ithungatha umqeqeshi omusha ngemuva kokushiya kukaJose Riveiro.
URiveiro ushiye le kilabhu kuleli sonto ngemuva kweminyaka emithathi yempumelelo enhle.
Usayine neziqhwaga zaseGibhithe i-Al Ahly kanti kuthiwa kumanje usevele useseCairo.
UFadlu Davids, owayeyiphini, waphinde waqeqesha ngokubambisana noMandla Ncikazi kwi-Orlando Pirates, ungomunye wabamataniswa nalo msebenzi.
Kodwa-ke, utshele iDiski Times ukuthi alikho iqiniso ngalamahlebezi, kuqukuqagela nje.
“Ngicabanga ukuthi ake siyiqede manje leyo,” kusho uFadlu Davids.
“Akukaze kube khona ukuthintana phakathi kwami ne-Orlando Pirates.”
Ugcizelele ukuthi njengamanje ugxile emsebenzini wakhe eTanzania.
UFadlu Davids uthe unezinhlelo ezinkulu neSimba SC futhi njengamanje ugxile kulp msebenzi wakhe okuqhubekayo kuleli qembu.
Njengamanje leli qembu linethuba lokudlala izicoco ezintathu – eseCaf Confederation Cup, eseligi yaseTanzanina nenye indebe yakhona.
“Isizini yami yokuqala ibimayelana nokuzivumelanisa nezimo. Manje, sesikulungele ukuphonsa inselelo ezicocweni ezehlukene,” kuqhuba yena.
ISimba ilungiselela uhlu lwemidlalo eminingi oluhlanganisa imidlalo yeligi neyezinkomishi.
Leli qembu lihlose ukuyiqeda ngamandla amakhulu le sizini.
“Uma konke kuhamba kahle, singabhekana ne-Yanga SC kowamanqamu,” kwengeza uDavids.
ISimba idlala owandulela owamanqamu kule nyanga, kanti izimbangi zayo iYanga yona izobhekana ne-JKT.
Naphezu kwamahemuhemu abhebhethikise okomlilo wequbula, uDavids usazinikele kwiSimba SC.
Uthe ngeke okwamanje abale amatshwele ukuthi azoba mangaki izinkukhu zingakachamiseli kodwa uyafisa ukuzinqoba lezi zizindebe.
Khonamanjalo, i-Orlando Pirates isaqhubeka nokubheka kuma-CV ewatholayo umqeqeshi omusha.
Abalandeli bakubheke ngabomvu ukuzwa ukuthi ngubani ozothatha lo msebenzi, aqhubeke la kushiye khona uRiveiro.
Okwamanje, uFadlu Davids uthi okwamanje ikusasa lakhe yena liseTanzania — hhayi eSoweto.
