EzintshaOrlando Pirates

UDoctor Khumalo ubona ukukhanya ekuhlulweni kwePirates

AmaBhakabhaka ahlulwe yiPyramids ewashaye ngo 3-2 emdlalweni owandulela owamanqamu ngoLwesihlanu ebusuku.

Yize ephoxekile ngokungangeni kowamanqamu, uDoctor Khumalo, owayeyisihlabani seBafana Bafana, ukholwa ukuthi izoqina kakhulu ngemuva kwalo mkhankaso.

UDoctor Khumalo, owayaziwa ngelika-16V ngezinsuku zakhe esadlala, uthi abadlali abasebancane be-Orlando Pirates bazofunda lukhulu kulokhu kuhlulwa. 

AmaBhakabhaka azihole phambili kabili kulo mdlalo ngamagoli kaRelebohile Mofokeng noMohau Nkota kuzo zombili iziwombe.

Nokho amagoli amabili kaFiston Mayele nelikaRamadan Sobhi achithe ithemba leNingizimu Afrika lokuba namaqembu amabili kowamanqamu.

Umdlalo uphinde waqeda iphupho lePirates lokwengeza inkanyezi yesibili ebhejini layo. 

IPirates ibingakaze ihlulwe kwiChampions League kule sizini kuze kube uLwesihlanu. 

UKhumalo ugcizelele ukuthi abadlali abasebancane baleli qembu kumele baziqhenye futhi bazobuya benamandla kakhulu.

“Badlale kahle kakhulu, i-Orlando Pirates idangele kakhulu njengamanje, iphoxekile… 

“Kodwa mina ngila ngihlezi khona manje, ngiyaziqhenya ngalaba bafana. 

“Balwile. Abazange baphele amandla, bahlulwe belwa,” kusho uKhumalo kwiSABC Sport lapho engumhlaziyi khona.

“Bahluliwe impela, kodwa banike iminyakana nje embalwa ezayo uzobona ukuthi bazobe beqine kangakanani. 

“Laba bafana kufana nokuthi bafakwe emfuleni ungenisa kodwa bakwazi ukuphuma… 

“UJose Riveiro ujikijele uNkota, uMofokeng, nobani abanye… Bonke, uMbatha… kodwa laba bafana kuzobaqinisa lokhu kuhlulwa.

“Futhi laba bafana, ungizwe kahle, uzobona laba bafana begqama kakhulu futhi maduze nje.”