
U-Appollis uvuma ubunzima, usongela iChiefs
Umdlali we-Orlando Pirates, u-Oswin Appollis usenxenxe ozakwabo ukuba bavuthi bazithintithe balungele impi elandelayo.
Lokhu kungemuva kokuthi isifiso sabo sezindebe ezine kule sizini siqedwe yiqembu leMotsepe Foundation Championship iCasric Stars ngoMgqibelo.
IPirates ikhishwe kabuhlungu kwiNedbank Cup ngemuva kokuhlulwa emdlalweni obuse-Orlando Amstel Arena.
Umdlalo uphele ngo 0-0 ngemuva kwemizuzu engu-120, iCasric Stars yagcina iphumelele ngo 5-4 kumaphenathi.
IVIKI LOSIZI
Ukuhlulwa kuphawula isonto elibi kumqeqeshi u-Abdeslam Ouaddou, ophinde wahlulwa kabili kulandelana okwesibili kule sizini.
Bebehlulwe ngo 2-1 phakathi nesonto yiMamelodi Sundowns emdlalweni weligi eFNB Stadium ngoLwesithathu.
“KUYABABA”
Ekhuluma ne-Orlando Pirates TV ngemuva komdlalo, u-Appollis obedangele ukhale ngokuhluleka ukusebenzisa amathuba abawakhe kulo mdlalo.
“Kunzima ukukwamukela lokhu kodwa ngicabanga ukuthi abafana balwile namuhla.
“Sakhe amathuba amaningi kodwa asikwazanga ukushaya igoli,” kusho u-Appollis.
“Manje sekumele sibuyele emuva siyolungisa. Sinesonto lonke ukulungiselela umdlalo olandelayo.”
ISIBHONGO KUMAKHOSI
Njengoba iphupho lezindebe ezine selishabalelele, iPirates sekubhekwe ikhiphele isibhongo sayo kwiKaizer Chiefs.
Inesonto lonke lokuphumula nokulungiselela kahle lo mdlalo olandelayo kanti iChiefs yona inomdlalo osindayo neStellenbosch FC ngoLwesibili.
FUNDA NALA | UMnqgithi usale nesikhalo ‘ebhenefitha’ koweStellies
Ingcindezi ku-Abdeslam Ouaddou isifinyelele ezingeni eliphezulu kakhulu ngaphambi kwalo mdlalo obalulekile.
Uma engakwazanga ukunqoba kuMakhosi ngoMgqibelo eFNB Stadium, isimo sakhe sizoba sibi kakhulu.
