EzintshaMamelodi Sundowns

UVan Wyk udalula okumhehele kwiSundowns, wabuya e-Europe

Umdlali omusha we-Mamelodi Sundowns, u-Antonio van Wyk, usephawule ngokujoyina kwakhe leli qembu.

Wethulwe ngokusemthethweni njengomdlali wokuqala osayinwe aMasandawana ngaphambi kwesizini ka-2026/27.

Lo mdlali oneminyaka engu-24 ubudala ubuya eNingizimu Afrika ngemuva kokuhlala amasizini amabili e-Austria kwiSV Ried.

U-Antonio Van Wyk uthi akazange acabange kabili ngesikhathi ethola ithuba lokujoyina i-Mamelodi Sundowns, ayichaze njengelinye lamaqembu amakhulu e-Afrika.

“Ukudlala phesheya kube yithuba elikhulu elingisizile ukukhula njengomdlali nanjengomuntu. 

“Kodwa ukujoyina iSundowns kuyinto ekhethekile kakhulu kimi,” kusho yena.

Uqhube wathi umlando omkhulu waleli qembu, izinga eliphezulu elibekiwe nesiko lokuwina yikho okumenze wajabulela lesi sinqumo.

Kubalandeli beSundowns, uVan Wyk uthe usekulungele ukuzwa uthando lwabo ezinkundleni futhi uzimisele ngokubhala igama lakhe emlandweni weqembu.

Ukufika kwakhe kuza ngesikhathi iSundowns isaqhakambisa impumelelo yayo enkulu yokunqoba iCAF Champions League, okuyenze yaba yiqembu laseNingizimu Afrika lokuqala ukunqoba lo mqhudelwano kabili.

Manje wonke amehlo azobe ebheke ku-Antonio Van Wyk ukuthi angakwazi yini ukuzakhela igama futhi asize iiMamelodi Sundowns iqhubeke nokubusa eNingizimu Afrika nase-Afrika.