
Sekukhona nelaphesheya kwabangisa iChiefs ku-Appolis
- Intatheli yeLISENETHINI
Njengoba iKaizer Chiefs isasha amashushu ngomdlali wePolokwane City neBafana Bafana, u-Oswin Appolis, kubukeka kuzomele izibambe ziqine ukuthi imthole.
Kuvela ukuthi asemaningi amanye amaqembu azibhekile kulo mdlali, futhi alungingiselela ukugasela kwiPolokwane City ngoJanuwari eyocela ukudayiselwa yena.
U-Appolis ubengomunye wabadlali okukhulunywe kakhulu ngabo ngewindi lakamuva lokudayiselana ngabadlali.
Wayefunwa yiqembu lase-Algeria, iMC Alger okuthiwa laseliqedile naye nekilabhu yakhe, kodwa kwaduka usihlalo sekumele asayine isivuelwano sokudayiselana.
NeChiefs beyicuthile futhi nayo yayisivunyeliwe ukukhuluma nomdlali, kodwa kwaze kwashaya isikhathi sokuvalwa kwewindi isivumelwano singasayiniwe.
Manje sekuvela ukuthi njengeChiefs, iMC Alger neMamelodi Sundowns abakaliphonsi ithawula kanti sekuvele neqembu lase-Europe okuthiwa liyamfuna.
“IChiefs yenza izinto ngendlela ehloniphekile uma kuziwa ekudayisaleneni ngabadlali,” kucashunwe umthombo usho kanje kwiPhakaaathi.
“Izosebenzisa izindlela ezifanele futhi uma iwindi seliphinde lavulwa kodwa sekunamanye amaqembu aveze intshisekelo ngo-Ossie.
“Ngeke ngikutshele ukuthi yiliphi iqembu lase-Europe elimfunayo ngoba intshisekelo yalo iseyintsha, kodwa manje akasafunwa awase-Afrika nje kuphela.
“Kodwa konke kuncike kwiPolokwane City okuyiyo ezoba negama elingujuqu ngokuthi kwenzakalani ngaye.”
