
OweChiefs ucacisa ekaNtwari, ekaBvuma, neyesimo seqembu
Isikhulu seKaizer Chiefs, uKemiso Motaung usenikeze ngolwazi ngezinto ezintathu ezibalulekile mayelana naleli qembu elizinze eNaturena.
UKemiso uyinhloko yophiko lwezokuxhumana kweqembu ngezindlela zesimanje – okuyi-inthanethi nezinkundla zokuxhumana.
Njengoba ephethe lolu phiko, ungumuntu wokuqala othola izikhalazo, ukugxekwa nokuthukwa kweqembu uma izinto zingahambi ngokwezifiso zabalandeli.
UKemiso ukhulume neLisenethini ngesikhathi behambele eWorkshop eThekwini ukuyonxenxa abalandeli ngomdlalo wagoMgqibelo.
Uveze ukuthi iKaizer Chiefs ivulelekile ukudayisa unozinti waseRwanda uFiacre Ntwari.
UNtwari usale ngemuva ngesikhathi Amakhosi eye ekhempini yokulungiselela isizini entsha eNetherlands, ahamba noBruce Bvuma noBrandon Petersen.
“Besinethemba lokuthi uzoba yisixazululo ezinkingeni zonozinti ikakhulukazi ngenxa yobude bakhe,” kusho uKemiso ngokusayinwa kukaNtwari.
“Kodwa akakafinyeleli kulokho obekulindelekile futhi okwamanje sivulekele ukumthengisa uma kuvela isicelo esifanele.”
UKemiso uphinde wanxusa abalandeli beKaizer Chiefs ukuthi babeseke abadlali, bagweme ukubahhahhameza ngoba lokhu kubulala ukuzethemba kwabo.
Unozinti uBruce Bvuma ubengomunye wabadlali abazithole bengathandwa ngabalandeli futhi behhahhanyezwa njalo uma eke wenza iphutha.
“Nginxusa abalandeli bethu ukuthi bangamhhahhamezi uBruce. Kumphazamise ngempela esikhathini esidlule futhi sasebenza kanzima ukuze aphinde azethembe.
“Uyingane elungile futhi uhlala enza konke okusemandleni akhe,” kuqhuba uKemiso.
“Uma kungelona usuku lwakhe, futhi izinto zingahambi ngendlela yakhe, asikho isidingo sokukwenza kube kubi kakhulu ngokulwa naye.”
Uphinde wavuma ukuthi kungase kuthathe isikhathi eside ukubuyisela iqembu lapho lalikade likhona phambili, kodwa benza konke okusemandleni abo.
“Akuyona into engenzeka ngobusuku obubodwa… Wonke umsebenzi odingekayo ukuze iqembu libuyele lapho lifanele khona uyenziwa.
“Siyazi ukuthi sikude nalapho sifuna iqembu libe khona, kodwa siyathembisa ukuthi sisebenza kanzima,” kwethembisa le ntokazi ezalwa ngusihlalo wekilabhu uKaizer Motaung.
Amakhosi azogadulisana ne-Asante Kotoko yaseGhana emdlalweni weToyota Cup eMoses Mabhida Stadium ngoMgqibelo ntambama.
Lo mdlalo ozokwendlalelwa ngowezingwazi zaleli qembu nezaKwaZulu-Natal ngo-12.30 ntambama, bese wona uqala ngo-3 ntambama.
- UDABA | Alfred Ngubane
