
Okwenza uBenni McCarthy wagabha iChiefs, Downs nePSG
Usaziwayo webhola laseNingizimu Afrika uBenni McCarthy usedalule ukuthi wenqaba ukujoyina iKaizer Chiefs, neMamelodi Sundowns ngisho neParis Saint-Germain imbala.
Lokhu bekungaphambi kokuthi agcine engomunye wabadlali bakuleli ababanempumelelo enkulu ebholeni lase-Europe.
Encwadini yakhe esanda kukhishwa, lo mgadli onamagoli amaningi kunabo bonke kwiBafana Bafana uthi isifiso sakhe kwakuwukuyodlala phesheya.
Lokhu kwenzeka naphezu kwentshisekelo yangempela eyayivela emaqenjini amakhulu kuleli.
UBenni McCarthy ukhumbule indlela izikhulu zeChiefs ezeza kuye ngokushesha ngemva kokudlala kahle bebhekene naMakhosi ngesikhathi esekwiSeven Stars.
Uthi lezi zikhulu zaziconsa amathe, zifuna ukumsayina ngaso leso sikhathi ukuze athuthele eGoli.
“Abaphathi beChiefs beza egumbini lokushintshela bafike bacela inombolo yami noma ekababa ukuze bakhulume naye,” kubhala uMcCarthy kule ncwadi yakhe.
“Kodwa nganquma khona lapho ukuthi angifuni ukudlalela iChiefs. Ngangazi ukuthi ikusasa lami ebholni liphesheya kwezilwandle.”
Ngokushesha iMamelodi Sundowns nayo yalandela nesicelo, uMcCarthy uthi lokho kwamenza wabona ukuthi impela wenza kahle kakhulu.
“Izikhulu zeSundowns zeza kimi ngemuva komdlalo zathi zifuna ukungisayina. Lokho kwenza ngabona ukuthi ngenza kahle impela.”
Intshisekelo enkulu nokho, yayivela kwiziqhwaga zaseFrance iParis Saint-Germain.
UMcCarthy udalule ukuthi iPSG yathumela incwadi yenkontileka enemali enhle kakhulu ngemuva kokumbona emdlalweni wobungani.
“Kwakuyinkontileka enhle kakhulu, imali esabekayo. Ngangiwuthanda kakhulu lo mbono,” kuqhuba yena.
Uthi okwakumheha kakhulu wumcabango wokuyodlala nowayengukaputeni wePSG ngaleso sikhathi uRai.
Naphezu kwalokho, uBenni McCarthy wagcina ekhethe i-Ajax Amsterdam esikhundleni sePSG neFeyenoord, isinqumo athi akazisolanga neze ngaso.
“Ngayithanda indlela i-Ajax eyangiphatha ngayo. Angizange ngizizwe njengomdlali wangaphandle.
“Ngazizwa ngisekhaya. Ngangingcono kunabo bonke abadlali bayo abancane ngaleso sikhathi,” kubhala uMcCarthy.
FUNDA NALA | UHlungwani uphawula ngeyezikhulu ezihlangana nonompempe
Ukusuka lapho, uMcCarthy wagcina ebe nempumelelo enkulu njengoba aze anqoba ne-Uefa Champions League neFC Porto yasePortugal.
UMcCarthy njengamanje usengumqeqeshi kanti ucija iqembu lesizwe laseKenya iHarambe
