
Kuvela okwenze iChiefs iwuyeke ususenethini ufishi omkhulu
Kubikwa ukuthi iKaizer Chiefs isamile ekuhubheni kwayo isihlabani saseTanzania uFaisal “Fei Toto” Salum.
Lokhu kwenzeka naphezu kwamasonto ezingxoxo nesivumelwano ngemibandela yomuntu siqu nomdlali.
Imithombo esondelene nalezi zingxoxo iveza ukuthi iKaizer Chiefs ibisivele ivumelene noSalum.
Kodwa isifiso sayo sokumsayina siphazamisekile ngesikhathi izingxoxo nekilabhu anenkontileka kuyo zingayi ndawo.
I-Azam FC kubikwa ukuthi isichithile isicelo sokuqala seChiefs — okukholakala ukuthi besingaphansi kwalokho ekubhekile ngalo mdlali.
IGlamour Boys, enentshisekelo yokuqinisa isikwati sayo ngaphambi kokuya ohambweni lwayo lokuyolungiselela isizini eNetherlands, manje isibheka kwenye indawo.
Nokho kungenzeka kudingeke ihambe ingenaye lo mdlali wasesiswini maphakathi nenkundla okuthiwa ufunwa uthuli ngumqeqeshi uNasreddine Nabi.
Lezi yizindaba kubalandeli beChiefs, abebenethemba lokubona uSalum kwiPSL egqoke imibala yeqembu labo.
Esikhundleni salokho, ikilabhu ishintshe isu, manje ibeka phambili ithalente lakuleli njengoba ilungisa kabusha iqembu ngaphansi kukaNabi.
Kukholakala ukuthi isigxile kuSiphesihle Ndlovu weSuperSport United.
Kodwa-ke, nalapho kungase kube nzima kuleli qembu elizinze eNaturena ukuphothula isivumelwano.
Abangaphakathi baphakamisa ukuthi ukuthengiswa okubikiwe kweSuperSport kubanikazi abasha kuphazamise yonke into.
Manje umzamo weChiefs wokuthola lo mdlali oneminyaka engu-28 ubudala odle ngokusebenza ngokuzikhandla ungase ungaphumeleli.
UNdlovu, obenesizini enhle ka-2024/25 futhi okuthiwa uzimisele ngokufudukela eNaturena, nguye osebhekwe kakhulu kuMakhosi.
Kodwa isithiyo sokugcina kungaba wukungaqinisekiswa kwesimo seSuperSport, okungenzeka ukuthi uNdlovu uyingxenye yesivumelwano wokuthengiswa kweqembu.
Ngabe iKaizer Chiefs izogcina imtholile oyedwa phakathi kukaNdlovu noSalum? Noma kuzogcina kuphethe ngendumalo?
Impendulo yale mibuzo seyizovela ngokuhamba kwezinsuku njengoba lusondela olokuthi Amakhosi alibangise eNetherlands nje.
