
IPirates isimethulile umqeqeshi wayo omusha
I-Orlando Pirates ishiye abaningi bekhexile ngesikhathi yethula umqeqeshi wayo omusha ngoMsombuluko ekuseni.
Bekukade kuqine izinsolo zokuthi izoqasha uRulani Mokwena, futhi sekuvele nokuthi useze wakhuluma nanozoba yiphini lakhe.
Kodwa ngoMsombuluko leli qembu laseSoweto liqhamuke negama lomqeqeshi obengabhekwe muntu, futhi obengakaze amataniswe nayo.
Imemezele u-Abdeslam Ouaddou njengomqeqeshi wayo omusha ozothatha lesi sikhundla esisale singenamuntu kulandela ukuhamba kukaJose Riveiro.
U-Ouaddou ubekade ekwiMarumo Gallants ngesizini edlule futhi wenze umsebenzi oncomekayo esikhathi esincane abe kuyo.
Uyihlenge ezembeni, wabe eseyinyusa waze wayifake kwiTop 8 okokuqala emlandweni wayo.
“I-Orlando Pirates inenjabulo ukwethula ukuqashwa kuka-Abdeslam Ouaddou njengomqeqeshi oyinhloko,” libhale kanje leli qembu limethula.
“Umqeqeshi u-Ouaddou ulindeleke ukuba atheleke kuleli ngasekupheleni kwaleli sonto,” kuqhuba iPirates.
“Uzolekelelwa nguMandla Ncikazi noTyron Damons kulo msebenzi wakhe.
“Izinhlelo zokulungiselela isizini entsha zizoqala ngokusemthethweni ngoJuni 27.”
Yize esenesikhathi esincane ebholeni lakuleli, kodwa kufanele ukuba lo mqeqeshi waseMorocco uyawazi umsebenzi ombhekile kuleli qembu laseSoweto.
URiveiro ushiye omkhulu umgodi lo kwi-Orlando Pirates, omlandelayo kumele athathe iqembu alifake egiyeni elilandelayo futhi libe ngcono.
