
IChiefs yethule abanye ababili abasha, abanye baseza?
IKaizer Chiefs isigcine ikumemezele ngokusemthethweni ukusayina kwayo uThabiso Monyane noPaseka Mako.
Laba badlali bazoqinisa udonga lwasemuva kuleli qembu laseNaturena elisezinhlelweni zokuzihlela kabusha.
Laba bobabili bafika nje bavela ezimbangini zeChiefs ezinkulu i-Orlando Pirates, kanti beza namava amakhulu.
Bobabili bebeyingxenye yeqembu lePirates ebeliqoqa izindebe ubuthaphuthaphu kula masizini amabili adlule.
Ngaphezu kwalokho badlale nakwiCaf Champions League amasizini amathathu kulandelana neBucs.
UMako, ongumdlali wasemuva kwesokunxele odabuka eZebediela, eLimpopo.
UMonyane, yena odlala kwesokudla emuva, kulindeleke ukuthi aqinise umbango wale ndawi kuMakhosi.
Laba bethulwa nje iqembu lilibangise eNetherlands ngawo uLwesine ebusuku la lizozinza khona amasonto ambalwa lilungiselela isizini entsha.
Ukufika kukaMako noMonyane kwenza babe bahlanu abadlali abasha asebethulwe yiKaizer Chiefs kuze kube manje.
Ngasekuqaleni kwaleli sonto, Amakhosi ethule umgadli uFlavio Silva, umdlali wasesiswini u-Ethan Chislett, nomdlali wasemuva uNkanyiso Shinga.
Kusalindeleke kwethulwe abanye okungenani abathathu, ngokwesithembiso esenziwe yiKaizer Chiefs kuleli sonto.
Kunabadlali abambalwa abamataniswa naleli qembu laseNaturena okuhlanganisa u-Asanele Velebhayi noFeisul Salum.
Ukwakhiwa kabusha weqembu eNaturena kuyaqhubeka. IChiefs ayigcini nje ngokusayinisa abadlali — kodwa iqala inkathi entsha.
