EzintshaNedbank Cup

I-PSL nomlayezo ngoweNedbank Cup, ayithi vu ngamathikithi

Ulwazi ngalo mdlalo lubhekwe ngabomvu ngabalandeli, kodwa i-PSL ayisho lutho ngabalubheke kakhulu – ukuqala kokudayiswa kwamathikithi namanani awo. 

Indlela olindelwe ngayo lo mdlalo, kuyacaca ukuthi amathikithi awo azophela ngemuva kwamahora ambalwa efakwe endalini. 

Abalandeli basukeme bayobamba olayini ngesonto elidlule kulandela imibiko engelona iqiniso yokuthi aseqalile ukudayisa. 

Omunye wemibiko, egcine ichithwa yi-PSL ithi ungamampunge, uthe azoqala ukudayisa ngoLwesine olwedlule. 

I-PSL nokho ikhiphe isitatimende esifushane iphikisa lo mbiko, yathi yiyo ezomemezela uma usuku seluhlonziwe lokuqala kokudayiswa kwawo.

NgoLwesithathu iphinde yathumela esinye isibuyekezo mayelana nalo mdlalo ozoba seMoses Mabhida Stadium, eThekwini. 

IKaizer Chiefs izosingatha i-Orlando Pirates kule nkundla yeNdebe yoMhlaba ngoMgqibelo, kaMeyi 10. 

I-PSL isikuqinisekisile ukuthi lo mdlalo uyoqala ngo-3.30 ntambama.

Yize lesi sibuyekezo samukelwe kahle njengoba abalandeli belambele noma yiziphi izindaba ngalo mdlalo. imininingwane yokuthengiswa kwamathikithi yona ayikakhishwa.

“Ulwazi ngamathikithi alo mdlalo luzomenyezelwa ngesikhathi esifanele,” yilokho kuphela iPSL ekushilo ngamathikithi. 

Abalandeli kulo lonke elaseNingizimu Afrika balinde ngabomvu ukuthola indawo yabo kulo mdlalo wamanqamu oyidabhi yaseSoweto.

Ukubambezeleka kokuthengiswa kwamathikithi kukholakala ukuthi kuhlobene nokungqubuzana kwemidlalo yalamaqembu. 

IChiefs nePirates bazohlangana eFNB Stadium ngoMgqibelo, kaMeyi 4 emdlalweni weBetway Premiership.

Amathikithi alowo mdlalo wePremiership aqale ukudayiswa emasontweni ambalwa edlule futhi adayise aphela zingakapheli izinsuku evuliwe.

Manje kukholakala ukuthi iPSL izama ukuvimbela ukugaxelana kwale midlalo ehlukene ngokuthi ingaqali ukudayise awomdlalo wamanqamu. 

Lokhu ikwenzela ukuvika ukushayisana kolwazi ngamathikithi, abanye bawathenge bezitshela ukuthi awomunye umdlalo kanti akunjalo.