Ezintsha

Esinye isihibe seRoyal AM kwiPSL

Nokho iPSL isithathe indlela ehlukile, yawuhlehlisa umdlalo womzuliswano wesibili. 

IMilford ayikwazanga ukudlala umdlalo wayo wokuqala weNedbank Cup neRoyal AM njengoba wahlehlisiwa.

Futhi manje njengoba umzuliswano wesibili uqala kuleli sonto, i-PSL ibhekene nengwadla ngalo mdlalo.

I-PSL imemezele ukuthi kunezinkinga zomthetho ezikhona mayelana neRoyal AM, kodwa ayikwazanga ukudalula eminye imininingwane. 

“Ngenxa yesigaba sakamuva sezomthetho, iPremier Soccer League (PSL) ayinayo enye indlela ngaphandle kokuhlehlisa umdlalo weNedbank Cup ongunombolo-21.

“Lo mdlalo (weRoyal AM/Milford v Sekhukhune United) uhlehliselwe usuku oluzoqinisekiswa ngokuhamba kwesikhathi,” kumemezele iPSL ngoLwesibili.

Umdlalo ubuhlelelwe ukuba ngoMgqibelo. Abaningi bakholwa ukuthi iMilford izodluliselwa phambili njengoba iRoyal AM imisiwe ekudlaleni. 

I-PSL ibivele iyimisile yonke imidlalo yayo ngemuva kokuthi lekilabhu ifakwe ngaphansi komqaphimali weSARS. 

Umengameli weRoyal AM, uShauwn Mkhize, kusolakala ukuthi ukweleta iSARS u-R40 million wentela.

Isitatimende seligi siphakamisa ithemba lokuthi iRoyal AM ingase ibuye maduze. 

Lokhu kwenzeka nakuba iNkantolo eNkulu yaseNorth Gauteng yasichitha isicelo esiphuthumayo sikaMkhize ngesonto eledlule. 

Ubefake isicelo sokuphoqa umqaphimali weSARS adelele imali futhi amemezele ukuthi ikilabhu ikulungele ukudlala.

IRoyal AM igcine ukudlala ngoDisemba 29, ihlulwa ngo 3-1 yiTS Galaxy.

Ngokohlelo lwePSL, amaqembu azodlala emzuliswaneni olandelayo weNedbank Cup azoqhathwa ngoMsombuluko.

Manje iPSL isisenkiyankiyeni yokuthi isombulule le ndaba yeRoyal AM ukuze lo mqhudelwano uqhubeke ngendlela efanele.