
Abaqeqeshi abangu-25 eKZN neziqu eziphambili
- Alfred NGUBANE
Kuqhilike izidlathi kubaqeqeshi bethweswa iziqu zokuqeqesha iCaf B License eCoastlands Hotel eThekwini muva nje.
ISafa KwaZulu-Natal, eholwa nguKwenzakwakhe Ngwenya, ibambisene neSafa eThekwini eholwa nguMazwi Mkhize, iKZN Sports Confederation nomnyango wezemidlalo oholwa ngumphathiswa uMntomuhle Khawula, bahlangane ndawonye ukuxhasa abaqeqeshi abasafufusa ukuphothula lezi zifundo.
UMabhuti Khenyeza, ongumqeqeshi weGolden Arrows ubonge ubuholi bezemidlalo eKZN ngokubaxhasa ezifundweni zabo zokuqeqesha.
UPhilani “Maoti” Shange, oyinkakha ye-Arrows utshele iLisenethini ukuthi lokhu kubakhulisile futhi kubahlomulisa abadlali.
“Ulwazi esiluncelile akulona olwethu nje, kodwa luzisiza ekutheni luhlomulise abadlali ngoba sizoludlulisela kubo,” kusho uShange.
Abanye abathweswe iziqu kulo mcimbi o-Ayanda “Cobra” Dlamini ongumqeqeshi woMvoti FC, uSandile Zuke owaduma kwiKaizer Chiefs, uNkanyiso Cele oyinkakha ye-Arrows, u-Andile “Sguda” Cele noDada Sibiya abasebenza ezinkulisa ZamaZulu FC.
Bakhona nabanye abaningi njengoba sebebonke bengu-25 abathweswe lezi ziqu kulo mcimbi.
UKhawula unxuse laba baqeqeshi ukuthi basebenze ngokuzikhandla ukufukula ibhola esifundazweni.
