EzintshaKaizer Chiefs

UMiguel uphawula ngo-Arthur Zwane ‘amhloniphayo’ 

Uthi uZwane ufanelwe ukuba wumqeqeshi osezingeni uma ebheka uhlobo lwabadlali abakhulise ngesikhathi esebenza kwiKaizer Chiefs. 

“Ngizwile (ngo-Arthur Zwane) ngoba uZwane wethu (uSamkelo) ungumshana ka-Arthur Zwane,” kusho uMiguel. 

Yisizini yakhe yokuqala uMiguel ebholeni laseNingizimu Afrika njengoba efike esuka kwiPedro De Luanda yase-Angola ngoJuni.

“Sikhulumile kancane ngaye (uZwane). Angamazi ngokwasebholeni. 

“Kodwa ngiyazi ukuthi uyinkakha yeqembu. Kufanele simhloniphe. 

“Liningi ithalente alikhiqizele iqembu ngeDDC (DStv Diski Challenge). Ngakho kufanele silindele umdlalo onzima.”

UZwane njengamanje usengimqeqeshi omkhulu kuMaZulu FC ngokubambisana noVusumuzi Vilakazi.

Yize iqembu labo lingakawubambi umgqigqo, kodwa linezinkomba zokuthi lizogcina lihlangene kahle futhi lenza kahle. 

IChiefs izokwamukela Usuthu emdlalweni weBetway Premiership eFNB Stadium ngoLwesibili ebusuku. 

Usuthu luza kulo mdlalo lugcwele ukuzethemba kulandela ukuqumba phansi iSuperSport United ngo 2-1 ngempelasonto.

IChiefs yona isazikhotha amanxeba njengoba ishaywe womkhaya bayo, i-Orlando Pirates ngo 1-0 ngayo impelasonto edlule.