EzintshaKaizer Chiefs

UMhango usanemibuzo ngokwahoxisa iChiefs

Lo mgadli, osekwiMarumo Gallants, ubemataniswa neChiefs ngesikhathi ekuMaZulu FC ngo-2023.

IChiefs beyimdinga kakhulu umdlali odlala phambili maphakathi nenkundla ngaleso sikhathi.

UMhango wayengomunye wabagadli okubhekwa kubo. Kodwa esikhundleni sakhe kwasayinwa uCaleb Bimenyimana no-Ashley Du Preez. 

UBimenyimana akazange wahlala isikhathi eside kangako kuMakhosi njengoba akhululwa ngemuva kwezinyanga eziyisithupha nje kuphela. 

UMhango uveze ukuthi wasuka eThekwini waya eGoli elindele ukuqedela konke neChiefs. 

Nokho iChiefs yamdicila phansi ngomzuzu wokugcina, yanquma ukumyeka ayangamtshela nokuthi kungani.

“Kwakungekhona ukukhuluma nje kuphela, ngase ngizoyijoyina iChiefs, kodwa izinto zashintsha,” kusho uMhango kwiFARPost

“Kuze kube manje angazi ukuthi kwenzekani. Ngaya eGoli ukuze ngiqedele konke nayo. 

“Ngangijabule, kodwa-ke izinto zajika. Ngangikubheke ngabomvu ukuyijoyina, kodwa ekugcineni, ngadumala.”

Naphezu kwalokhu kuphoxeka, uMhango waqhubeka nomsebenzi wakhe. 

Wagcina Kamuva wajoyina iMoroka Swallows eyamthola mahhala njengoba ayesekhululiwe kuMaZulu. 

Ngemva kokuhlakazwa kweSwallows, ithengwa yiGallants, ube ngomunye wabadlali abahambe nayo baya eBloemfontein.

KwiGallants, lo mdlali oneminyaka engu-32 ubudala useshaye amagoli amathathu wakhela ozakwabo elilodwa emidlalweni engu-14. 

Manje usegxile ekusizeni le kilabhu ukuthi ihlale kwiBetway Premiership, ingadliwa yizembe. 

IGallants ihlezi endaweni ka-13 ngamaphuzu angu-15 emidlalweni engu-14.

Ishiya iRoyal AM, ehlezi emsileni, ngamaphuzu ayisikhombisa kuphela.