UHunt ubalisa ngongeke adlale bebhekene neDowns
Umqeqeshi weSuperSport United, uGavin Hunt, useveze ukudumala kwakhe ngokuthi uLebogang Maboe ngeke adlale kwidabhi yaseTshwane.
ISuperSport izobhekana neMamelodi Sundowns ngoLwesithathu emdlalweni weBetway Premiership.
UMaboe ubolekiswe kwezikaHunt ngosuku lomnqamulajuqu wewindi lokudayiselana ngabadlali esuka kwiSundowns.
Ngenxa yombandela wokubolekisana, ngeke akwazi ukudlala uma Amatsatsantsa ebhekene neSundowns.
Umqeqeshi weSundowns, uMiguel Cardoso, ukuqinisekisile ukuthi uMaboe uzicelele yena ukuthi abolekiswe.
Lo mdlali oneminyaka engu-30 ubudala ubefuna ukuthola ithuba lokudlala njalo okuyinto abeyizwa ngendaba kwiSundowns.
“Ngisebenza enkundleni kuphela mina, uMaboe usanda kufika, kuyadumaza (ukuthi ngeke adlale),” kusho uHunt.
“Ngicabanga ukuthi wengeza okuthile okubalulekile kithi kodwa kusobala ukuthi kwenziwa izivumelwano… Angazi lutho ngazo.
“Ngisanda kutshelwa ukuthi ngeke akwazi ukudlala, ngakho lokho kuyisikhinyabezo esikhulu kithi ngoba kusobala ukuthi uyikhwalithi.
“Futhi sibone ngoMgqibelo lapho sidlala, kulei sigamu sehora asidlalile, kuhlale obala ukuthi uyikhwalithi kangakanani nangasenzela khona,
“Uletha okuthile okwehlukile kulokhu esinakho eqenjini, ngakho kuyadumaza ukuthi ngeke simsebenzise.”
UHunt, iqembu lakhe elithikamezeke kakhulu ngenxa yokulimala kwabadlali kule sizini, uthi ufisa ukuba neqembu elilodwa elizoqala imidlalo njalo.
“Ngibheka amanye amaqembu futhi adlala ngeqembu elifanayo masonto onke.
OLUNYE UDABA: UNabi uyanconcoza ngakwenzelwe abaphathi beChiefs
“Uma ungangitshela ukuthi yiliphi iqembu engizoqala ngalo ngoLwesithathu ngingazibona ngiyindoda enenhlanhla.”