‘Isosha’ leChiefs selidlulile kwiBucs, selibheke impi ezayo
Umdlali wasemuva weKaizer Chiefs u-Inacio Miguel usememezele isifiso esijulile seqembu sokulungisa ukuhlulwa kwidabhi ngoMgqibelo.
UMiguel uthi isikhathi sokukhala ngokukhathala asikho njengoba Amakhosi kumele avuke azithathe, ageze igama.
Amakhosi azosingatha AmaZulu FC eFNB Stadium kwiBetway Premiership ngoLwesibili ebusuku.
IChiefs ihlulwe ngo 1-0 yi-Orlando Pirates kuyo le nkundla kanti lo mphumela uwagqilaze kakhulu.
Lokhu kungenxa yokuthi igoli eliwaqumbe phansi kube yiphenathi evele umdlalo sewuyophela.
Bese kungokwesithupha iChiefs ihlulwa kwiligi kule sizini futhi manje sekumele ivuek izithathe, kusho uMiguel.
“Kufanele sikhombise ukulambela ukunqoba okwedlula lokhu ebesinakhi kwidabhi,” kusho uMiguel kuleli sonto.
“Ngemva kokuhlulwa akekho ozothi ukhathele, sifuna ukushintsha isithombe esisishiye emdlalweni odlule.
“Yonke imidlalo sifuna ukuyinqoba, akunandaba ukuthi umdlalo wedabhi noma wendebe.
“Ngemuva kokuhlulwa, umdlalo olandelayo kufanele uwunqobe nakanjani.
“Sekungolunye usuku lokwenza kangcono… silwela ukuhlala sisondele emaqenjini aphezulu kwilogi.”