Ezintsha

IMagesi yengeze emxhakeni wamahlazo ePSL

Onompempe baphoqeleke ukuthi bawuyeke umdlalo obuphakathi kweMagesi FC neChippa United maphakathi nesiwombe sokuqala ngoLwesibili ebusuku.

Lokhu kulandela ukuthi kuvele kwacima izibani, zabe sezigoloza ukuf aukuphinde zikhanye. 

Umdlalo bewuphakathi futhi sekunamagoli amabili. UMcedi Vandala ubeke iMagesi phambili ngomuzu wesibili.

Nokho ayizange ihambe phambili isikhathi esitheni iMagesi, uSinoxolo Kwayiba walinganisa ngowesihlanu. 

Lo mdlalo ubudlalelwa enkundleni iPSL esanda kuyigunyaza ekutheni ingasetshenziswa ngemuva kokuba kokulungiswa kwayo. 

Bekuwumdlalo wokuqala obudlalelwa eSeshego Stadium, okuyinkundla yasekhaya entsha yeMagesi.

Kodwa kuthe sekusele imizuzu engu-15 kuphele isiwombe sokuqala, kwaqala izinkinga. 

IChippa ithathele ku-X ukumemezela okwenzeke kulo mdlalo.

“Umdlalo obuseSeshego Stadium umiswe nguKhomishana Womdlalo ngenxa yokungasebenzi kwezibani.

“Usuku nesikhathi esisha kuzoqinisekiswa maduze,” libhale kanje leli qembu laseMpumalanga Kapa.

“Umdlalo uphela nje bekungu 1-1 sekusele imizuzu engu-15 esiwombeni sokuqala, uSinoxolo nguye osishayele iglo.”

Ukuyekwa kwalo mdlalo uphakathi kuphinde kwaletha elinye ihlazo kwiPSL evele ingaphansi kwengcindezi.

Le nhlangano eyengamele ibhola elikhokhelayo kuleli, isenehlazo okumele ibhekane nalo efakwe kulo yiRoyal AM.

I-PSL kudingeke ukuthi iyihlehlise yonke imidlalo yeRoyal AM ngemuva kokuhluleka kwayo ukuhlangabezana nezidingo nezindleko zosuku lomdlalo ngenxa yokushoda kwemali. 

Le kilabhu ezinze eMgungundlovu ingaphansi komphathi wakwaSars kulandela ukuthi umnikazi wayo uShauwm Mkhize kukholakala ukuthi ubakweleta intela engaphezu kuka-R40 million.