UNabi uyanconcoza ngakwenzelwe abaphathi beChiefs
Umqeqeshi weKaizer Chiefs, uNasreddine Nabi, uncome abadlali bakhe abasha abadlale okokuqala ngempelasonto.
OThabo Cele noGlody Lilepo badlale umdlalo wabo wokuqala kusukela besayine kwiChiefs ngesikhathi ibhekene ne-Olrando Pirates kwiSoweto Derby.
UNabi ukholwa ukuthi laba badlali bakhombise ukuba sezingeni elihle yize bebesazicije isikhashana neqembu lakhe.
UCele ungene esikhundleni sikaGeorge Matlou ngomzuzu ka-51. ULilepo ungene kwekaMdu Shabalala ngemuva komzuzu ka-60.
Nokho iChiefs igcine ihlulwe ngo 1-0 yiPirates eFNB Stadium. Phezu kwalo mphumela uNabi ulijabulele igalelo labadlali abasha.
“Esikhathini abasidlalile, bakhombise izinga elihle,” kusho uNabi ekhuluma nabezindaba ngemuva komdlalo.
“Baziqeqeshe izinsuku ezine kuphela ngemuva kohambo olude besuka e-Europe. Babengaziqeqesheli njalo la bebekhona.
“Kodwa ngisho nasemizuzwini embalwa abayidlalile, ubukwazi ukubona ikhwalithi yabo.”
UNabi uphinde wabonga abaphathi beqembu ngokuthola laba badlali ekade ebafisa.
Ngaphezu kwalaba, iChiefs isayine noTashreeq Morris osuka kwiSuperSport United. Yena akadlalanga ngoba ubesamisiwe.
Nokho kulindeleke abonakale ngoLwesibili uma iChiefs seyibhekene naMaZulu FC emdlalweni weligi.
Abalandeli bazobe bebheke ukubabona kahle laba badlali emdlalweni ongenayo ingcindezi enkulu.