Owayengunompepe ucacisa eyephenathi yedabhi – uncoma uBambiso
UJerome Damon, owayengunompempe othenjwayo kwiPSL usevikele uMasixole Bambiso obephethe umdlalo wedabhi yaseSoweto ngoMgqibelo.
UBambiso ubekele iPirates iphenathi emizuzwini yokugcina yomdlalo kwathi uPatrick Maswanganyi wayibasela enethini, banqoba ngo 1-0.
Ngemuva komdlalo uBambiso ugxekwe kakhulu njengoba abanye – ikakhulukazi abahambisana neChiefs – bebona sengathi ube nokwenzelela.
UNjabulo Blom wenze iphutha ngesikhathi ebamba uRelebohile Mofokeng obesengene ebhokisini ebheke kunozinti.
Unompempe uqale waziba, kodwa ngokuhamba kwesikhathi walibuyisela la kwenzeke khona isigameko sokuqala ngemuva kokuthi uBruvce Bvuma ewuchithile umzamo kaMofokeng.
Khonamanjalo uDamon usechazile ukuthi kungani isinqumo besilungile futhi uBambiso kumele ashayelwe ihlombe esikhundleni sokugxekwa.
“Imithetho yomdlalo ilula,” kusho uDamon ekhuluma neSoccer Laduuma ngoMsombuluko.
“Awukwazi ukubamba umdlali ohlaselayo uma esezokhahlela noma kukhona azokwenza ngebhola.
“Siyazi ukuthi ibhola liwumdlalo okuthintwanayo kuwo, kodwa lidlalwa ngemilenze hhayi ngezandla.
“Bezikuphi izandla zikaBlom lapho uMofokeng esezokhahlela?
“Bezikuye. Ukubamba kuphazamisa futhi kuvimbe umdlali ohlaselayo.
“Ngakho-ke uMofokeng akakwazanga ukukhahlela ngendlela efanele,” kuqhuba uDamon.
“Futhi yingakho engakwazanga ukushaya into eqondile. Unompempe wenze kahle ukubeka iphenathi.”
Ngokuthi uvumele ukuthi umdlalo uqhubeke kuqala, uDamon uthe yilokho okushiwo yimithetho.
“Bekungekho lutho olungalungile ngokwenziwe ngunompempe ngesikhathi engasheshi ukushaya impempe.
“Kunomehluko phakathi kokunika ohlaselayo ithuba lokuqhubeka nokudlala nokungasheshi ushaye impempe,” kwengeza uDamon.
“Emdlalweni wesimanje onompempe bayakhuthazwa ukuthi babambezele ukushaya impempe ngenxa yamaphutha noma bakhombise ukuthi uumdlalo awuqhubeke ngemuva kokudlala kabi.
“Lokho kungenxa yokuthi uma esheshe ekhombisa ukuthi akuqhutshekwe, futhi ithuba lingsebenziseki eqenjini elihlaselayo, akakwazi ukulibuyisela ecaleni lokuqala.”
Uthe uBambiso akazange akhombise ukuthi akuqhutshekwe, kodwa ubambezele ukushaya impempe yakhe akhiphe isinqumo.