EzintshaOrlando Pirates

URiveiro uyena ogqugquzela uTito ukugibela ibhola

Lo mdlali wasesiswini ushaye igoli lokunqona umdlalo usuyophela kwiSoweto Derby ngoMgqibelo.

Kuqhume ihlombe, kwaba nenhlokomo emangalisayo eFNB Stadium ngesikhathi uTito eshaya iphenathi ngobuchule ngomzuzu ka-94. 

Igoli lakhe yilo eliguqise izimbangi ezinkulu zePirates iKaizer Chiefs kulo mdlalo weBetway Premiership.

Emasontweni ambalwa edlule, uMaswanganyi ubhekane nokugxekwa kulandela ukushweba iphenathi bebhekene neCape Town City. 

Kodwa kulokhu, usukume ngaphansi kwengcindezi eyengeziwe, wazinikela futhi wenza umsebenzi ngendlela ekhomba ukuzethemba okuyinqaba.

URiveiro usithakasele isibindi sikaTito oneminyaka engu-26 ubudala. 

Uthe bambalwa abadlali abebezoba nesibindi sokuphakama ngale ndlela enze ngayo ngaleso sikhathi.

Lo mqeqeshi waseSpain uphinde wavikela isitayela sikaMaswanganyi sokudlala esinomjiko esibizwa nge”Kasi Flava”. 

Uthe lo mdlali kwesinye isikhathi uyagxekwa ngakho, kodwa yena uyamkhuthaza ukuthi aveze ikhono lakhe ngokukhululeka.

“Bengazi… vele uyishiye lapho, bengazi. Bengazi ukuthi uma kwenzeka into efana nalena, uzothatha ibhola,” kusho uRiveiro.

Ubebuzwe ngokuzethemba kukaMaswanganyi ukuphakama athathe iphenathi ngaleso sikhathi.

“Njengoba abantu begxeka uPatrick. Kimina, ngokombono wokuqeqesha, nginike abadlali abahlale befuna ukuba sebholeni ezimeni ezinjengalezo. 

“Emidlalweni efana nanamuhla nalapho izinto zingahambi kahle. Uhlale efuna ibhola. 

“Futhi wenza amaphutha ngoba uzibeka emgqeni ngaso sonke isikhathi. Ngakho-ke, sibusisiwe ngokuba nomdlali ofana naye eduze.

“Njengoba kwesinye isikhathi enza izinto okungelula ukuziqonda, ngifuna azithokozise enkundleni ngoba leyo yindlela enza asinike esikudingayo kuye.

“Futhi ngicabanga ukuthi namuhla ubonise ukuthi uwuhlobo lomdlali engimdingayo lapho isimo sibucayi futhi kungelula.

“Ababaningi abaningi abanjalo. Ngokusobala, uma kungahambi kahle kuzoba uyena… 

“Kodwa ngiyazi ingxoxo izoba ngokugxekwa kwakhe. Ngijabule ngaye ngemuva kokwenzeka eKapa. 

“Ukuthathwa umthwalo namuhla esimweni esifana nalesi ngomzuzu ka-94 akuyona into encane.”