Ucashe ngesithupha uSeptember ngoJali ‘obeyisihlwele’
Kubukeka sengathi kunenkinga phakathi kwabaqeqeshi beChippa United nomdlali oyisihlabani u-Andile Jali.
UJali ubukele esezihlweleni ngesikhathi iChippa ihlulwa ngo 1-0 yiPolokwane City ePeter Mokaba Stadium ngoMgqibelo ebusuku.
Okumangaza kakhulu wukuthi uJali ubeseqenjini eliye ePolokwane futhi akalimele, okuyinto eqinisekiswe umqeqeshi uThabo September ngemuva komdlalo.
Ebuzwa ngesimo sikaJali, uSeptember akakwazanga ukuphuma nempendulo eqondile yokuthi kungani engekho enkundleni.
“Uyajima, akalimele futhi akamisiwe,” kusho uMpandula uSeptember ebuzwa ngabezindaba ngemuva komdlalo.
“Ngabe uzoba khona emdlalweni olandelayo? Angazi okwamanje ukuthi uzobe ekhona yini emdlalweni olandelayo.
“Kodwa akalimele, uyingxenye ebaluleke kakhulu yeqembu. Ulapha, sifike naye.”
Izimpendulo zikaSeptember ziveze ukuthi kungase kube nenkinga okufanele ayixazulule ngoJali.
Kodwa esikhundleni sokuchaza ukuthi kungaba yini inkinga, uthe yena ugxile emsebenzini wakhe wukuqinisekisa ukuthi iqembu aligawulwa yizembe.
“Isitifiketi esibiza u-R75 million ngakho-ke kuwumthwalo omkhulu,” kwengeza uSeptember.
“Akufani nokuthi ngiqeqesha iqembu leDDC (DStv Diski Chalenge) ngakho ngiwuthatha njengobaluleke kakhulu lo msebenzi.
“Kungumthwalo omkhulu okufanele ukuqinisekisa ukuthi iqembu alidliwa yizembe. Kungumthwalo omkhulu.”