Okwenze uNabi angaphawuli ngephenathi yodumo kwidabhi
Umqeqeshi weKaizer Chiefs, uNasreddine Nabi, wenqabile ukuphawula ngephenathi ye-Orlando Pirates eyibekelwe umdlalo usuyophela.
Uthe ukukhuluma ngayo kuzophinde kumfake enkingeni futhi. UNabi ubebuya ekumisweni imidlalo emibili.
Wathola ikhadi elibomvu kulandela ukuhlulwa yiGolden Arrows emasontweni ambalwa edlule ngemuva kokuthi ezame ukukhuluma nonompempe befuna incazelo ethile.
Amakhosi ahlulwe kwidabhi okwesine kulandelana. Iphenathi kaPatrick Maswanganyi ngasekupheleni komdlalo itholelele iPirates amaphuzu amathathu.
Nokho okukhulu okukhulunywa ngakho yisinqumo sikanompempe. UMasixole Bambiso ubeke iphenathi ngemuva kokuthi uNjabulo Blom edlalise kabi uRelebohile Mofokeng.
Okudide abaningi wukuthi ngemuva kokudlala kabi unompempe umdedelile uMofokeng waqhubeka, wazama ukushaya igoli kodwa uBruce Bvuma wamvimba.
Kungaleso sikhathi lapho unompempe ebuyele esigamekweni sokuqala wanikeza iPirates ithuba lesibili.
Ebuzwa ngakho uNabi uthe ngeke akwazi ukunikeza umbono wakhe wangempela. Uthe wesaba ukuphinde ajeziswe.
“Ngeke ngisakhuluma ngalolu hlobo lokusebenza konompempe.
“Uzobona estudiyo senu uukuthi ngabe kube yiphenathi noma cha,” usho kanje uNabi kwabeSuperSport TV.
“Uma ngikhuluma, ngizothola ikhadi elibomvu. Uma ngimbuza ngomndeni wakhe, ikhadi elibomvu. Uma ngibuza ukuthi unjani, ikhadi elibomvu.”
“Ngokweqiniso, ngicabanga ukuthi kulo mdlalo u-0-0 ubulungile, akekho ofanelwe ukuhlulwa kulo mdlalo.”
Ngaphambi komdlalo uNabi ubexolisile ngesigameko sakhe sekhadi elibomvu wachaza ukuthi kwaba wukungaqondani kahle.
Uthe ulwazi lwakhe oluncane lwesiNgisi kungenzeka ukuthi yilo olwamqhatha nolaka lonompempe ngaleso sikhathi.