UMofokeng ucasule abeChiefs ebaphoxa sebethembile
Kuphinde kwaba umlingo kaRelebohile Mofokeng oshiye i-FNB Stadium imangele ngoMgqibelo ntambama.
Le nsizwa esencane ye-Orlando Pirates iphinde yaba yiqhawe leZimnyama kulo mdlalo obubhekwe ngabomvu.
Lo mdlalo obulindelwe ngabomvu, lapho iPirates ibisingethe khona iChiefs ububukeka uzophela ungenagoli.
Lokhu bekungenxa yokuthi womabili la maqembu abehlulekile ukukhuphula izinga lifike kulelo ebelilindelwe.
Kodwa, kuthe sekusemizuzwini yokugcina yesikhathi esengezwe unompempe, uMofokeng waqonda ngqo abadlali basemuva beChiefs ngaphakathi kwebhokisi labo.
UNjabulo Blom uzame ukumvimba, wambamba ngehlombe, unompempe walibona icala wabe esebeka iphenathi.
UPatrick Maswanganyi, obenomdlalo othule ngokwezinga lakhe, uphakame washiya uBruce Bvuma engalibonanga nokuthi lingene ngaphi.
Ngaphezu kokuwola amaqphuzu amathathu, amaBhakabhaka athole negunya lokuchoma kuze kube ngumdlalo olandelayo womkhaya baseSoweto.
Ngaphambi kwephenathi, uBvuma ube nomdlalo omuhle, evimba imizamo emihle yabahlaseli bePirates.
IPirates manje isinciphise igebe laba ngamaphuzu amathathu ngemuva kweMamelodi Sundowns eqhwakele kwilogi yeBetway Premiership.
Ngemuva kokuphela komdlalo, abadlali beChiefs bakhuzwe sebefuna ukuzifikela kunompempe beyokhalaza.