Ithumele umlayezo oqinile iPirates ishaya i-Al Ahly
Ubuhlakani namaqhinga kaJose Riveiro ahlale obala ngesikhathi i-Orlando Pirates ithola iqini engezulibaleka kalula ngoMgqibelo ebusuku.
IPirates ishaye i-Al Ahly ngo 2-1 ngakubo eCairo – okungeyona into eyenziwa noma yiliphi iqembu – ngamagoli oRelebohile Mofokeng noTshegofatso Mabasa.
URiveiro uqale umdlalo ngendlela enesineke, bevale emuva futhi kungathi bazele ukuzodlala ngokulingana kulo mdlalo.
Futhi njengoba bekwazile ukungangenelwa goli esiwombeni sokuqala, babone ithuba lokuntshontsha lo mdlalo esiwombeni sesibili.
Akuphelanga nemizuzu engu-10 kuqale isiwombe sesibili siqalile, uMofokeng wabeka iPirates phambili ngegoli alishaye ephansi kwepali.
Ukwazile ukudida izitobha ezimbili ze-Al Ahly, zamdedelela ibhola wabhekana ngqo nonozinti, wabe eselinamathisela enethini.
Kodwa i-Al Ahly ibuyile yalinganisa ngomzuzu ka-69 ngegoli likaHussein El Shahat eliqhamuke ngephutha lasemuva leBucs.
Kodwa sekusele imizuzu engaphansi kweyishumi kuphele umdlalo, uMabasa ushaye elesibili elibeke iPirates esicongweni kuGroup C.
Lokhu kunqoba kwePirates ngale ndlela kuthumele umlayezo kwamanye amaqembu kulo mqhudelwano ukuthi ayizele ukuzosinisa amahleza.