EzintshaOrlando Pirates

URiveiro ucacise eyokusayina kwePirates kuleli windi

Umqeqeshi we-Orlando Pirates, uJose Riveiro, useable ulwazi olusha ngezinguquko ezingase zenzeke kuleli qembu njengoba kuvulwe iwindi lokudayiselana ngabadlali nje.

IPirates ilwa emiqhudelwaneni emithathu futhi iyakwazi ukubaluleka kokuqinisa isikwati sayo kuleli windi.

Sekunemibiko eminingi eveza umqondo wokuthi iPirates izoba matasa kuleli windi likaJanuwari.

Imataniswa nabadlali abaningi okubalwa kubo abadlali ababili bePolokwane City u-Oswin Appollis noThabang Matuludi. 

Kukholakala ukuthi ibabanga nezimbangi zayo ezinkulu iKaizer Chiefs laba badlali. 

Kuvela ukuthi amaBhakabhaka abeke u-R15 million kanye nomdlali ukuthi azame ukuvumelana nePolokwane ngalaba badlali. 

Imibiko yakamuva iphinde yamatanisa iPirates nomunye umdlali ofunwa uthuli yiChiefs, uFawaaz Basadien. 

Ngokufanayo kuvela ukuthi lezi zinkunzi zaseSoweto zizimisele ukunikeza imali nomdlali oyedwa noma ababili uma beshintshana neStellenbosch FC. 

Kucatshangwa ukuthi ikilabhu izimisele ngokudela ukaputeni weqembu u-Innocent Maela njengomunye wabadlali ezocubuza ngabo amagade kulezi zingxoxo. 

Ewindini elidlule, la makilabhu womabili enze ibhizinisi edayiselana uDeono van Rooyen. 

Abanye abadlali iPirates emataniswa nabo kukhona umdlali wasemuva uTresor Tshibwabwa weSekhukhue United, nabagadli oMzomuhle Khanyi noYanela Mbuthuma. 

Ekhuluma nabezindaba ngaphambi komdlalo wabo weCaf Champions League neCR Belouizdad, uRiveiro uphawule ngalokhu. 

Ngokusho komqeqeshi uRiveiro, ikilabhu isemkhankasweni wokuqinisa iqembu kuleli windi.

“Ikilabhu (iPirates) ngokusobala lizama ukuqinisa iqembu,” kusho uRiveiro. 

“Futhi ivuliwe imakethe njengamanje, ngakho-ke ake sibone ukuthi kwenzekani kusukela manje ukuya phambili.” 

Kusazobonakala ukuthi iPirates izogcina isayina bani ngempela. 

Ngokwemibiko yakamuva, uMatuludi unethuba elihle lokujoyina leli qembu ngoJanuwari.