Caf Champions LeagueEzintsha

IPirates isisifezile isigaba sokuqala kwiChampions League

I-Orlando Pirates isikwazile ukungena esigabeni somkhumulajezi kwiCaf Champions League kusasele umdlalo owodwa esigabeni samaqoqo. 

Ingene ngendlela encomekayo nekhimbise ukuzimisela ngesikhathi inqoba ngo 2-1 ihlula izinkunzi zase-Algeria iCR Belouizdad ngeSonto. 

Lo mdlalo obuse-Orlando Stadium ebicishe igcwale phama, iPirates ibibukeka ikhonya zisuka nje.

IPirates ihambe phambili ngegoli likaRelebohile Mofokeng ngomzuzu ka-20.

Lo mgadli oneminyaka engu-20 ubudala ukhombise ukucabanga ngokushesha, egxumela ebholeni ibhola ngemuva kokuthi unozinti weBelouizdad elibambe walidedela. 

Iqembu laseSoweto liwakhile amanye amathuba ambalwa kodwa alikwazanga ukuwasebenzisa. 

UThalente Mbatha ushaye igoli elibe yishodi alidonse ekude, watholela iPirates igoli ebelidinga ukuqinisekisa indawo yayo kwayisishiyagalombili adlulela phambili. 

IBelouizdad izame konke okusemandleni ukubuyela emdlalweni, kodwa yathola iPirates inganyakazi emuva. 

Kodwa ekugcineni balitholile igoli elilodwa ngesikhathi esengeziwe, kodwa bese kwephuze kakhulu. 

Ukunqoba kuqinisekise ukuthi iPirates idlulela esigabeni somkhumulajezi kwiChampions League. 

IPirates yiyo eqhwakele kuGroup B ngamaphuzu angu-11 ngemuva kwemidlalo emihlanu kanti izoqeda imidlalo yalesi sigaba ne-Al Ahly eCairo ngoMgqibelo.