AmaZuluEzintsha

UZungu ube yiqhawe loSuthu, uthembisa okungcono kakhulu

UBongani Zungu usize AmaZulu FC anqoba okokuqala kwiBetway Premiership kulo nyaka, kodwa uthi okukhulu kuseza. 

Lo mdlali wasesiswini obegijima kwiMamelodi Sundowns usayine kuMaZulu ngasekupheleni konyaka odlule.

Ubedlala umdlalo wakhe wesibili kuleli qembu laseThekwini ngesikhathi eshaya igoli elilinqobisile libhekene neMagesi FC.

Ukunqoba lo mdlalo obusePeter Mokaba Stadium ngoMgqibelo ntambama kuphushele AmaZulu emaqenjini ayisishiyagalombili aphezulu kwilogi.

Asenamamaphuzu angu-16 ngemuva kwemidlalo engu-13 kanti asendaweni yesishiyagalombili. 

Ekhuluma ngemuva komdlalo, uZungu uvumile ukuthi akakafiki ezingeni lakhe ngokomzimba kodwa wathembisa ukuthi usebenza kanzima ukuze afike lapho. 

“Okokuqala, ngingathanda ukubonga uNkulunkulu… Yebo ndoda, bekuwumdlalo onzima kakhulu. Izimo bezinzima kakhulu.

“Inkundla beyomile. Kodwa namuhla bekumele sisebenze kanzima, bekumele silwe,” kusho uZungu ngemuva komdlalo.

“Siphuma emdlalweni esidlale kahle kakhulu kuwo kodwa sahlulwa.

“Namuhla sizitshele ukuthi kufanele sisebenze ngoba kufanele sizame ukuthola amaphuzu amathathu sikhuphukele phezulu.”

UZungu uthe uesendaweni efanele ngokomqondo, futhi usebenza kanzima ukuze akwazi ukusiza Usuthu. 

“Ngokwengqondo, ngimuhle kakhulu. Ngibonga abaqeqeshi ngokunginika ithuba.

“Ngiyakuthanda ukudlala ibhola futhi uma ngisenkundleni, ngenza konke engingakwenza,” kwengeza lo mdlali wakudala weBafana.

“Umqeqeshi ungitshele ukuthi uma enginika imizuzu eminingi, kuba ngcono eqenjini ngoba ngiyakwazi ukusiza iqembu uma sengiphile saka.

“Ngizofika lapho. Ngisebenza kanzima, ngizungezwe abaqeqeshi abangesekayo nozakwethu nabo bayangeseka.”