Ishwa elibi elinamathele iChiefs, liyayigqilaza
IKaizer Chiefs ibukeka ineshwa lokulinyalelwa abadlaliabamqoka kule sizini, osekuphazamise inqubekela phambili yeqembu.
Izinkinga ziqale ngesikhathi kusalungiselelwa isizini eTurkey lapho u-Edmilson Dove noBongani Sam belimala kabana.
Ngo-Okthoba, u-Edson Castillo – owayesengena efomini enhle – waphuka ngesikhathi bebhekene neSuperSport United.
Uselashwa kanti ngeke abe khona kuze kube uMashi. UGaston Sirino naye waphuka ubambo kade esephenduke isethenjwa.
Yena akukaziwa ukuthi uzoba ngaphandle isikhathi esingakanani kodwa kulindeleke asheshe abuye.
UDillan Solomons, uBradley Cross, uBrandon Petersen, uNkosingiphile Ngcobo, uFiacre Ntwari, noTebogo Potsane bonke balimele.
Manje sekungu-Ashley Du Preez okhishwe ngomzuzu ka-29 ngemuva kokusolakala ukuthi uphuke indololwane.
Umqeqeshi uNasreddine Nabi usenokukhathazeka okusha ngaphambi komdlalo wangeSonto neGolden Arrows eMoses Mabhida Stadium.
IChiefs ihlezi endaweni yesihlanu kwilogi ngamaphuzu angu-18 emidlalweni engu-12.
I-Arrows yona isendaweni yesishiyagalolunye ngamaphuzu angu-15 emidlalweni engu-11.
Ukulimala kukaDu Preez kungase kumbeke eceleni inyanga yonke.
Lo mgadli useshaye amagoli amathathu emidlalweni engu-13 kule sizini futhi nguye uNabi abesemthemba ukwedlula uRanga Chivaviro.
Ngaphandle kukaDu Preez, uNabi angase akhumbule uChivaviro noma ashintshe uDuba amdlalise maphakaythi phambili.
Ukunqoba ngeSonto kubalulekile ukuthi iChiefs ikhuphuke futhi iqhubeke nomgqigqo wayo yize ixhugela.