EzintshaKaizer Chiefs

IChiefs isikhathele ukuba yihlaya kwiNedbank Cup

Unozinti weKaizer Chiefs uBrandon Petersen uthi sebekhathele ukuphendulwa ihlaya amaqembu asuka ezigabeni eziphansi kwiNedbank Cup. 

Ngesizini edlule, Amakhosi ahlazwe yiMilford FC edlala kwiMotsepe Foundation Championship, iwaguqisa emzuliswaneni wokuqala. 

Kule sizini iChiefs ibhekene nelinye iqembu elidlala esigabeni esiphansi emzuliswaneni wokuqala kulo mqhudelwano.

Izodlala neFree Agents FC ephuma kwi-ABC Motsepe League yaseGauteng.

UPetersen uthe sebenendlela abahlela ngayo ukugwema ukuhlulwa “amaqembu amancane” kwiNedbank Cup kule sizini.

“Ngicabanga ukuthi kithi kuyindaba nje yokuzisebenzisa amaqhinga omqeqeshi ngendlela efanele,” kusho uPetersen. 

“Sifuna ukubonisa noma ubani osingabazayo ukuthi okwedlule kwedlule, futhi sijika izinto manje. 

“Sizoqinisekisa ngosuku lomdlalo ukuthi siyakubonisa ukuthi siyiqembu elikhulu futhi sinomlando kwiNedbank Cup.

“Kodwa ekupheleni kosuku, ngicabanga ukuthi kuncike ekutheni sizikhandle ngendlela efanele futhi siguqule izinto kule sizini.” 

IChiefs, eyagcina ukunqoba iNedbank Cup ngo-2013, inomlando omubi wokukhishwa amaqembu asezingeni eliphansi kulo mqhudelwano.

Aseke aba yizisulu zamaqembu afana ne-University of Pretoria, iBaroka FC, neBlack Leopards, phakathi kwamanye.

UPetersen ukholwa ukuthi kuningi ukuthuthuka okukhona eqenjini laMakhosi kule sizini, naphezu kwemiphumela engagculisi. 

“Ngicabanga ukuthi into eyodwa engingayisho ukuthi kunomehluko omkhulu, yize izinto zingakahambi ngendlela esifuna ngayo. 

“Ngicabanga ukuthi abantu bayabona ngendlela esidlala ngayo ukuthi kukhona okwenzekayo, kukhona ukuthuthuka. 

“Ngakho-ke, ngethemba ukuthi sizosebenzisa iNedbank Cup ukushintsha umqondo ngathi kubantu…

“Sibuyise ukukholelwa kwabantu kithi babone ukuthi siseyiqembu eliphilayo,” kuchaza uPetersen. 

Kodwa ngaphambi kokukhathazeka ngeNedank Cup, iChiefs inomdlalo ozothanda ukuba bucayi weligi kule mpelasonto.

Izobhekana neGolden Arrows eMoses Mabhida Stadium ngeSonto ngo-3.30 ntambama emdlalweni weBetway Premiership.