UMokwena akakayicabangi eyokubuya kuleli
Umqeqeshi weWydad Athletic Club uRulani Mokwena ugxile ekukhuleni emsebenzini wakhe ngaphandle kwemingcele yaseNingizimu Afrika.
Uthi uzocabanga ukubuyela eNingizimu Afrika ngasekupheleni kohambo lwakhe lokuqeqesha.
UMokwena, ohlanganise iminyaka engu-38 ngoLwesine, ubhekane nenselelo yokuvuselela iWydad, elinye lamaqembu amakhulu eMorocco.
Leli qembu liphuthelwe wukungena kwiCaf Champions League ngesizini edlule ngemuva kokuphuma endaweni yesihlanu kwiBotola Pro League.
Yize lishintshwe kakhulu iqembu, kuqiniswa nangabadlali abasha, isimo sisathanda ukuqansa kuleli qembu.
IWydad kumanje ihlezi endaweni yesithupha kwiligi, isele ngamaphuzu angu-12 kwiRS Berkane ezihola phambili.
Naphezu kwezinselelo, uMokwena usazibophezele kulo msebenzi awuqalile eMorocco.
Uhlose ukuqhubeka nomsebenzi wakhe phesheya ngisho ngabe kuthiwa uyashiya kwiWydad.
“Ngethemba ukuthi maningi amathuba phesheya,” kusho uMMokwena engxoxweni abe nayo nabeCaf TV.
“Ngiyakhumbula eNingizimu Afrika, futhi ngiyabathanda abantu baseNingizimu Afrika…
“Futhi ngicabanga ukuthi mhlawumbe ngasekupheleni komsebenzi wami ngingabuyela eNingizimu Afrika.
“Ngicabanga ukuthi manje kumayelana nokuchitha isikhathi esithile lapha, ukufunda, ukuzibekela izinselelo nokukhula.
“Kodwa futhi ngizama ukukhula ngingene emaqenjini amakhulu, ngithole izimo eziyinselelo nokufunda kwabanye abaqeqeshi abaningi namanye amasiko ehlukene.
“Futhi-ke le kilabhu imele lokho, kuyithuba elihle leli. Kuke kwaba nabaqeqeshi abakhulu asebeqeqeshe iWydad ngaphambi kwami.
“IWydad iyikilabhu ekhetheke kakhulu futhi ngiya ngokuya ngiyithanda usuku nosuku.
“Izolo besinabalandeli bethu ejimini futhi ngingakutshela ukuthi ngifikelwe yizinyembezi ukubabona bezoseseka ngale ndlela.”
UMokwena uzakhele igama kwiMamelodi Sundowns ngaphambi kokunqakwa yiWdad ngesikhathi imdedela.