ULorch usolwa ngokunyela isihlahla kwiSundowns
UThembinkosi Lorch ucasule abalandeli beMamelodi Sundowns ngokufisela uRulani Mokwena usuku oluhle lokuzalwa.
Nokho inkinga akukhona ukuthi ufisele uMokwena okuhle, kodwa indaba ingesithombe asikhethile.
ULorch usebenzise isithombe esidala sakhe noMokwena bangana ngezinsuku zabo kwi-Orlando Pirates.
Lokhu kubacasulile abalandeli beSundowns njengoba uLorch noMokwena besebenzile ndawonye kwiSundowns.
Futhi zikhona izithombe zabo begqoke umfaniswano waleli qembu lasePitori.
Ezinkundleni zokuxhumana, uLorch ufake isithombe sakhe noMokwena wabe esebhala kanje: “Happy birthday Ngwenya.”
Igatsha labalandeli beSundowns lizwakalise ukungeneliseki kwabo ngesitatimende abasifake ezinkundleni zokuxhumana.
Banxuse ikilabhu incwadi ukuthi ithathele uLorch izinyathelo zokuqondiswa ubugwegwe.
Lesi sitatimende sigxeke uLorch ngokufaka umfaniswano wePirates, sathi ukhombisa ukungazibophezeli kwakhe kwiSundowns.
“Sicela ithimba labaqeqeshi ukuthi libone lesi senzo njengesexwayiso (ngoLorch),” ifundeka kanje ingxenye yesitatimende.
“Asikwazi ukuthembela kumdlali obonakala elangazelela iholo lakhe elingu-“R50k” kuyilapho njengamanje uhola ngaphezu kwalokho ngamabhonasi ewodwa nje kuphela.”
Abalandeli baphinde basola uLorch ngokuzikhipha ayozijuxuza namantombazane ngemuva kokuthi iSundowns ihlulwe kowamanqamu weNedbank Cup ishaywa yiPirates.
Bakhumbuze ikilabhu nangesinye isigameko esenzeke ngoDisemba.
Ngemuva komdlalo weCarling All Stars, uLorch ujoyine abadlali bePirates ngesikhathi bethatha izithombe.
Naye ushaye uphawu lokugoqa izingalo lwePirates kulezi zithombe okwaqala umsindo ngaye.
Abalandeli bathi lezi zenzo zibonisa ukuthi uLorch ukwiSundowns ngoomsebenzi kodwa inhliziyo yakhe ikwenye indawo.