UKhuzwayo wahamba izinyanga ezama ukwelapha iqakala
UBrilliant Khuzwayo, owayengunozinti we-Orlando Pirates neKaizer Chiefs, useveze imizamo eyenziwa ukuzama ukumelapha.
UKhuzwayo wayekade ethembisa egijima kwiChiefs, kwathi uma kuphela inkontileka wathathwa yiPirates.
Wayebonakala ezovala isikhala sikaSenzo Meyiwa owayesanda kushona ngaleso sikhathi.
Kodwa isasasa ngaye lasheshe laphela njengoba alimala ejimini eqakaleni okwaphetha ngokuthi agcine eliyeka ibhola yize ayesemncane.
Ekhuluma kwiSoccerbeat Podcast muva nje, uKhuzwayo uveze imizayo eyenziwa usihlalo wePirates, u-Irvin Khoza ukumelapha.
Ngemuva kokwehluleka kodokotela, babe sebezama isintu nokwaholela ekutheni ahambe izinyanga efuna usizo.
“Kwi-Orlando Pirates u-Irvin Khoza wenza konke… Angicabangi ukuthi ikhona indawo eNingizimu Afrika engingayihambanga.
“Ngangiyela ukufuna noma yini engangisiza ukwelapha iqakala lami,” kusho uKhuzwayo.
“Senza konke noKhoza. Ngangiya koMpumalanga, koVenda ukuzama ukuthola abantu abangangisiza.
“Ngahamba inqwaba yezinyanga. Ezinye zazize zithembise zithi, ‘khululeka ngizokwenza lokhu nalokhuya, iqakala lakho lizolunga’.
“Sazama konke. Ngikhumbula size siya koMozambique nase-Eswatini sihamba ngobusuku noHappy Jele. Sazama konke.”
Nokho konke okwazanywa kwagcina kungasizanga njengoba agcina ngokuphoqeleka ukuliyeka ibhola.
IPSL yabe seyimkhokhela imali yomshwalense njengoba ayelimale esemsebenzini.