Sekuqinisekisiwe, uTau uyashiya kwi-Al Ahly kodwa…
UPercy Tau uyayishiya kwi-Al Ahly, kodwa amaqembu aseNingizimu Afrika abemhalela kumele avele akhohlwe nguye okwamanje.
IKaizer Chiefs kuke kwabikwa ukuthi isha amashushu ngalo mgadli futhi ifuna ukumbuyisela ekhaya.
Ukuqagela ngekusasa lakhe kwaqala cishe ngonyaka odlule, njengoba uTau kukholakala ukuthi akajabule kwi-Al Ahly.
UTau ujoyine lezi ziqhwaga zaseNyakatho Afrika zisaqeqeshwa umqeqeshi uPitso Mosimane eminyakeni emithathu edlule.
Kodwa-ke, ukulimala kuphazamise inqubekelaphambili yakhe, futhi akazange esahlaliseka ngemuva kokuthatha izintambo kukaMarcel Kohler.
UKohler nguye oqinisekise ukuhamba kukaTau ngesikhathi ekhuluma nabezindaba ngoLwesihlanu.
“Kuyiqiniso, sekuphelile phakathi kwethu noTau,” uKohler kubikwa ukuthi usho kanje.
“Izingxoxo zokusayinwa kwakhe eQatar sezisemaphethelweni. Akukho okubi engingakusho ngoTau, usenzele konke abengakwenza.”
Leli phini likakaputeni weBafana Bafana elineminyaka engu-32 ubudala kubikwa ukuthi liseQatar ukuyophothula ukusayinwa kwakhe.
UTau uzojoyina iQatar SC ngenkontileka okuthiwa ibiza izigidi.
Uhlelelwe ukuhlolwa ngodokotela ngaphambi kokuthi ikilabhu yenze isimemezelo esisemthethweni ngaye.