OweRoyal AM uphawula ngokungaholi, nekusasa leqembu
Ukaputeni weRoyal AM, uSamuel Manganyi, usephefumule ngodaba lokungaholelwa kwabadlali kuleli qembu.
Lokhu kulandela isimemezelo sabaphathi sokuthi wonke amaholo asekhokhiwe.
Imibiko ngasekuqaleni kwaleli sonto iveze isiteleka sabadlali kwiThwihli Thwahla ngenxa yokungakhokhelwa kwamaholo kaDisemba.
Badube ukujima njengoba ikilabhu ibisazama ukuxazulula izinkinga zayo zemali.
I-PSL yona iihlehlisa umdlalo weRoyal AM neChippa United obuzoba kule mpelasonto.
Ekhuluma neSportswire, uRichard Makhoba, oyimenenja jikelele kwiRoyal AM, uthe bonke abadlali sebekhokheliwe.
Wengeze ngokuthi ukuziqeqesha kuzoqala kabusha ngoMsombuluko, kulungiselelwa imidlalo ezayo.
Ngesikhathi kwethulwa iNedbank Cup ngoLwesine, uManganyi uthe isimo singaphezu kwamandla abadlali.
“Ukukutshela iqiniso, okwenzeka ekilabhini akukona okwabadlali,” kusho uSamuel Manganyi.
“Thina, okufanele sikwenze ukungena enkundleni senze umsebenzi wethu, yilokho kuphela.”
Ngesikhathi ecindezelwa ukuthi aphendule ngokuthi ngabe bakhokheliwe ngempela yini njengoba kusho iqembu, uManganyi ukhethe ukuwuyeka lo mbuzo.
“Okwamanje, ngizobe ngiqamba amanga, akukho engingakusho ngalokho. Empeleni anginawo amagama, angikwazi ukusho ukuthi ngiqinisekile.”
UManganyi unxuse abadlali beRoyal AM ukuthi bahlale beqinile ngalezi zikhathi eziyinselelo futhi wazwakalisa ithemba ngekusasa.
“Ngicabanga ukuthi empilweni, uma kunezinselelo, udinga ukuba namandla ukuze uqonde ngoba awazi ukuthi kuzofika nini okuhle,” kwengeza yena.
“Ngakho-ke, kithina badlali, sidinga ukuba namandla futhi sibe ngamasosha.
“Ngicabanga ukuthi esikhathini esizayo, esiseduze, izinto zizolunga.”