Okwenze kuzwele kuMakhaula ebona uTito ekhala
UMakhehleni Makhaula usengomunye wabadlali abadala kwi-Orlando Pirates futhi uyibona ibalulekile indima yakhe yokusiza abasebancane.
Lo mdlali wasesiswini ozalwa eRandfontein udalule ukuthi enye yezindima zakhe eqenjini wukweseka ozakwabo abasencane uma beba nokuphazamiseka.
UMakhaula kudingeke ukuthi angenelele kuleli sonto ngesikhathi omunye wezihlabani ezisafufusa kuleli qembu, uPatrick “Tito” Maswanganyi enenkinga.
UMaswanganyi ugeje iphenathi elahlekisele iPirates amaphuzu amathathu ibhekene neCape Town City ngoLwesithathu.
Kube nzima kuTito lokhu, futhi ubonakale ekhala ngemuva komdlalo, kanti ozakwabo kudingeke ukuthi bamduduze.
“Kimina, kungathi thina esesikhulakhulile, thina esesinesikhathi eside sikhona kulo mdlalo…
“Kufanele sibe wusizo koTito, koThalente Mbatha nabanye abafana abancane eqenjini.
“Kudingeka bazi ukuthi uma benza iphutha akusho ukuphela komhlaba,” kusho uMakhaula.
Ubekhuluma nabezindaba ngesikhathi kwethulwa iNedbank Cup eSandton ngoLwesine ebusuku.
UMakhaula uyasiqonda isizathu esenze uMaswanganyi akhale kodwa kummangazile ngoba ungomunye wamalungu asekhulile eqenjini.
“Uma ubona umuntu ovuthiwe njengoTito ekhala, kufanele uye kuye umduduze.
“Ngiqonde ukuthi, uma uRele (Mofokeng) ekhala, uTito nguyena oya kuye amduduze.
“Njengabadlali abadala kufanele siqinisekise ukuthi laba bafana abasebancane bayabuzwa ubukhona bethu.
“Kufanele sibatshele ukuthi, ‘silapha uma nisidinga, ngisho noma wenza iphutha, kufanele uqhubeke.”
UMaswanganyi kuzomele aluqede ngokushesha usizi lwakhe njengoba iPirates imdinga ukuthi abe sezingeni eliphezulu emdlalweni olandelayo.
IPirates inomdlalo onzima weCaf Champions League neCR Belouizdad yase-Algeria e-Orlando Stadium ngeSonto.
Uma bewina lena, bazobe sebezibekile indawo yabo esigabeni somkhumulajezi kulo mqhudelwano wamakilabhu wasezwenikazi.