EzintshaKaizer Chiefs

Kungani uVilakazi engaqali kwiChiefs? UNabi uyenaba

Umqeqeshi weKaizer Chiefs, uNasreddine Nabi, usechaze ukuthi kungani uMfundo Vilakazi engayiqali imidlalo.

UVilakazi udlale indima ebalulekile esuka ebhentshini bebhekene neStellenbosch FC emdlalweni weBetway Premiership ngoLwesithathu. 

Lo mdlali odabuka eSoweto wakhele uWandile Duba igoli lesibili ngesikhathi iChiefs ibuya kade seyilandela ngemuva ukuze inqobe ngo 2-1 kulo mdlalo obuseFNB Stadium. 

IStellenbosch ilishaye kuqala igoli ngonyawo lukaKhomotjo Lekoloane. UDuba ube esevalela phakathi amagoli amabili ukuze banqobe.

Selokhu efikile uNabi, iChiefs ithembele ethalenteni labadlali abasebancane njengoMduduzi Shabalala, uSamkelo Zwane, uWandile Duba noVilakazi. 

Laba badlali baya ngokuya beba ngabadlali abamqoka nabazoba wumgogodla weqembu elakhiwa uNabi.

Yize uNabi ethembele entsheni, uveze ukuthi uVilakazi, oteketiswa ngelika-Obrigado, akakakulungeli ukuqala njalo. 

UNabi uthe uVilakazi akanawo amandla okudlala imizuzu engu-90 emidlalweni ilandelana.

Emidlalweni engu-11 yeligi kule sizini, uVilakazi useqale kanye wangena esuka ebhentshini amahlandla ayishumi. 

Lo mdlali wasesiswini othembisayo useshaye igoli elilodwa, wakhela nozakwabo elilodwa. 

“UMfundo Vilakazi uyithalente eliphuma esikhungweni sokuthuthukisa amakhono sekilabhu,” kusho uNabi ngemuva komdlalo wangoLwesithathu. 

“Useneminyaka engu-19 nje kuphela, ngakho-ke ngingasho ukuthi ukukhula kwakhe ngokomzimba akukabi ku-100%.

“Lokho kusho ukuthi sidinga ukumvikela. Sidinga ukumnika isikhathi esizomvumela ukuthi aziveze. 

“Sikholwa ukuthi akakabi sesimweni sokuqina komzimbaokumvumela ukuthi angadlala imizuzu engu-90 emidlalweni elandelanayo engasitholi isikhathi esanele sokululama. 

“Sinomuzwa wokuthi le mizuzu ayitholayo izokwakha ukuzethemba kwakhe, imnike umfutho isize nokuqinisa umzimba wakhe.”