USeema uveza ‘umuthi’ ovuse abebephelelwe ushatini
Umqeqeshi weSekhukhune United, uLehlohonolo Seema, useveze ‘ikhubalo’ alaphe ngalo abadlali abafike kuleli qembu sekuthiwa baphelelwe ushatini.
Laba badlali, uKeletso Makgalwa noKatlego Otladisa babuyele efomini ngaphansi kwesandla sikaSeema.
UMakgalwa, owake wadlala kwiMamelodi Sundowns, ubonakala evuselelekile kuleli qembu laseLimpopo.
Usephenduke omunye wabadlali abangumgogodla weqembu, kanti useqale imidlalo engu-10 kwengu-11 kuze kube yimanje kule sizini.
ISekhukhune idlulele endaweni yesine kwiBetway Premiership ngamaphuzu angu-20 ngemuva kokuhlula AmaZulu ngo 2-0 eKing Zwelithini Stadium ngoLwesithathu.
USeema uncome abadlali bakhe ngokuhlezi bezimisele nokukwazi ukushaya amagoli ngezikhathi ezibalulekile.
Lo mqeqeshi utuse umthelela kaMakgalwa, wathi ubelokhu emthatha njengomdlali omuhle kakhulu, ngisho nangesikhathi edonsa kanzima ebholeni lakhe.
“Ngicabanga ukuthi kuhlale kukuhle ukubona umdlali obesebukelwa phansi evuselela umsebenzi wakhe kanje.
“Ikhwalithi yakhe ibilokhu ikhona, bekuwukuthi anikwe ithuba bese esekwa ngendlela efanele.
“Ulibambe ngezandla zombili ithuba lakhe, hhayi yena kuphela, nabanye” kusho uSeema.
Lo mqeqeshi oneminyaka engu-44 ubudala uphinde waveza umbono wakhe ngomdlali osanda kusayinwa, u-Otladisa.
Lo mdlali wasesiswini usanda kujoyina leli qembu ngokubolekiswa izinyanga eziyisithupha esuka kwi-Orlando Pirates.
Ehlabeke umxhwele ngokusayina kwakhe, uSeema umklomelise ngokumqalisaa umdlalo bebhekene nePolokwane City ngempelasonto edlule.
U-Otladisa udlale yonke imizuzu engu-90 enkundleni ebimanzi, futhi wanconywa ngumqeqeshi wakhe ngemuva komdlalo.
NangoLwesithathu uqhubeke lapho abegcine khona ngeSonto, wakhombisa izimpawu zokubuyela efomini yakhe.
“Sithole u-Otladisa futhi sisanda kumthola manje kuleli windi elisanda kuvulwa.
“Kodwa indlela adlala ngayo uyabona ukuthi ukhululekile, unomdlandla, uyalisiza kakhulu neqembu.”
USeema uthe uzobheka ukuqhubeka nokuqinisa ezinye izindawo eqenjini lakhe ukuze alenze likwazi ukuncintisana ezingeni eliphezulu.
“Leli yibhola, awukwazi okuzokwenzeka. Bengingakahlali phansi nabaphathi bami.
“Kodwa siyithimba labaqeqeshi sihlezi siba nemihlangano, sikhuluma, futhi yebo mhlawumbe sizobona abanye abadlali.
“Kungenzeka sithole oyodwa noma ababili, kodwa lokho vele kuhlale kuwumsebenzi oqhubekayo.”