URiveiro uphawula ngokushweba iphenathi kukaTito
UPatrick Maswanganyi ubengaphansi kwengcindezi enkulu muva nje, kodwa ubelokhu ebavala imilomo abamngabazayo ngokudlala ngendlela encomekayo.
Kodwa njengoba ukuzethemba kwakhe bese kubuya kancane kancane, uphinde waba neshwa lapho egeja iphenathi ngoLwesithathu ebusuku.
Ukube uyivalele enethini, i-Orlando Pirates ibizohamba phambili kanti iCape Town City bekoba nzima ukuthi ikwazi ukubuya.
Kodwa esikhundleni salokho, iCity igcine inamaphuzu amathathu, inqoba ngo 1-0 ngegoli likaDarwin Gonzalez.
Ngemuva kokugeja uMaswanganyi ubebukela egcwele ukuzisola nezinyembezi zibukeka ziseduze.
Kuze kwadingeka ukuthi asukunyiswe nguzakwabo uPaseka Mako ukuthi abuyele emdlalweni.
UTito, njengoba abalandeli bakhe bembiza kanjalo uMaswanganyi, babe sebemthamathela ezinkundleni zokuxhumana ngalokhu kugeja kwakhe.
Kepha umqeqeshi wakhe, uJose Riveiro uvele wakuphebeza lokhu, ethi ngenye yezinto zasebholeni, wathi kube yishwa nje.
“Kuyishwa nje kuphela. Ngabe uyibonile indlela abashaye ngayo igoli labo?,” kusho uRiveiro eveza ukuthi iPirates beyibhekwe yisambane kulo mdlalo.
Naphezu kokuhlulwa, uRiveiro ujabulile ngendlela iqembu lakhe elidlale ngayo kulo mdlalo.
“Kuyinto engajwayelekile. Nalapha futhi, njengoba ngishilo, sidlale njenge-Orlando Pirates namuhla, sidlale ibhola esalidlala phambilini.
“Bekukhona eminye imidlalo esingayidlalanga ezingeni esilidlalile namuhla kodwa sathola umphumela kuyo, kodwa namuhla asiphumelelanga.”
IPirates isizoshintsha igxile kwiCaf Champions League lapho izobhekana khona neCR Belouizdad emdlalweni kaGroup C e-Orlando Stadium ngeSonto.
Ukunqoba kulowo mdlalo kuzoyibekisela iBucs indawo emzuliswaneni womkhumulajezi walo mqhudelwano.