EzintshaKaizer Chiefs

UNabi uchazekile, uveza okwenze asheshe ashintshe

Umqeqeshi weKaizer Chiefs, uNasreddine Nabi, usencome abadlali bakhe ngokuqina nokuzimisela kwabo.

Iqembu lakhe libuye kahle selilandela ngemuva, lashaya iStellenbosch ngo 2-1 eFNB Stadium ngoLwesithathu ebusuku.

IStellies ihambe phambili ngomzuzu ka-20 ngegoli elishaywe uKhomotjo Lekoloane. 

UWandile Duba nokho ushaye amabili ukuqinisekisa ukuthi iChiefs inqoba umdlalo wayo wesihlanu kule sizini.

UNabi uvumile ukuthi umdlalo ubunzima kubadlali bakhe ngokomzimba nangokomqondo kulandela ukushaywa kwabo yiCape Town City.

“Abadlali bakhombise ubuqotho bebhekene neqembu eliqinile elifana neStellenbosch,” kusho uNabi. 

“Bekungelula ukubuya, kodwa silwele igama lekilabhu futhi bekusifanele ukuthola amaphuzu amathathu.”

Ugqamise ukukhathala nokulimala, waphawula ukuthi abanye abadlali bebefuna ukukhishwa ekupheleni kwesiwombe sokuqala.

Izinguquko zokuqala kube wukukhishwa kukaBradley Cross kusaphele imizuzu engaphezu kancane kuka-20, kwangena uTebogo Potsane endaweni yakhe. 

Ngesikhathi sekhefu uNabi ukhiphe u-Ashley Du Preez obelimele, wafaka uMfundo Vilakazi owakhele uDuba igoli lesibili.

UNabi uchaze ngokulungiswa kwamaqhinga ngemuva kokuthi iChiefs ithwale kanzima emizuzwini yokuqala yalo mdlalo.

“Besingavali kahle emuva futhi singahlaseli ngendlela efanele, ngakho senze izinguquko ngokushesha,” kuqhuba yena. 

“Ngemuva kwalokhu kuhlela kabusha, iqembu likwazile ukubhalansa kahle futhi saqala sawulawula umdlalo.”

Lokhu kunqoba kusondeze iChiefs emaqenjini amane aphezulu kwiBetway Premiership.

Emdlalweni olandelayo, iChiefs izobhekana neGolden Arrows emdlalweni wayo ewuse eMoses Mabhida Stadium eThekwini.