Okwenza uSiwahla ahalele iChiefs kwiNedbank Cup
UMkhanyisili Siwahla owake waba ngumdlali okubhekwe lukhulu kuye ebholeni laseNingizimu Afrika, usedalule iphupho angakaze alifeze.
Lo mdlali wasesiswini omncanyana ngomzimba njengamanje udlala eqenjini le-ABC Motsepe League eNorth West, iLerumo Lions.
Ekhuluma kwiRadio 2000 muva nje, uSiwahla uveze ukuthi ubefuna ukudlalela iKaizer Chiefs.
Uthe ukhule engumlandeli walezi zinkunzi zaseSoweto kanti isifiso sakhe esikhulu kwawukudlala kuzo.
Kodwa akazange afike ezingeni obekulindeleke ukuthi alithole njengoba agcina enza izinto ezamphazamisa ebholeni lakhe ngesikhathi esekwi-Ajax Cape Town.
Kodwa ngemuva kokunyamalala ebholeni iminyaka embalwa, usephinde wavela kuleli qembu laseNorth West.
ILerumo Lions ingelinye lamaqembu e-ABC Motsepe League azobe ekhona uma sekuqhathwa azodlala kwiNedbank Cup ngoLwesine ebusuku.
USiwahla unethemba lokuthi bazoqhathwa naMakhosi ngoba unezinto ezimbalwa afisa ukuzenza kulo mdlalo nangemuva kwawo.
“Angizange ngiyidlalele iKaizer Chiefs, ngakho ngithanda ukuqhathwa neChiefs ukuze ngishintshane ngejezi noMfundo Vilakazi ngemuva komdlalo,” kusho uSiwahla.
“Ngikhule ngilandela iKaizer Chiefs kodwa ngesikhathi ngidlala ngangihlale ngidlala nayo.
“Ngakho ngangithi, ‘aaahh ngidinga ukubadlalela laba ngelinye ilanga,” kwengeza uSiwahla.