EzintshaOrlando Pirates

Kome amathe kuRiveiro egilwa yiCity

Umqeqeshi we-Orlando Pirates, uJose Riveiro, uvele womelwa amathe eczema ukuchaza ukuthi iqembu lakhe lihlulwe kanjani ngo 1-0 yiCape Town City.

UDarwin Gonzalez ushaye igoli elinqume umphumela walo mdlalo weBetway Premiership obuseCape Town Stadium ngoLwesithathu ebusuku.

IPirates ibiphethe ibhola futhi yakha amathuba kodwa yehluleka ukuthola igoli, okuhlanganisa nokugeja iphenathi.

Yize abewuphethe umdlalo, kodwa amaBhakabhaka abuye eKapa elambatha.

“Kunzima kakhulu ukuchaza lo mphumela,” kusho uRiveiro ngemuva komdlalo.

“Ngicabanga ukuthi umehluko phakathi kwamaqembu womabili ubumkhulu kakhulu kulokhu.

“Ngokuwuhlonipha iCape Town City, kunzima ukuchaza ukuthi sihlulwe kanjani kulo mdlalo ngendlela esihlulwe ngayo. 

“Kodwa leli yibhola, bakwazile ukufaka ibhola elilodwa enethini, thina asizange senze okwanele.

“Senze konke ukunqoba umdlalo, akukho okuningi ongakwenza. Ngakho-ke, sesibheke olandelayo.” 

Yize engazange akhulume ngakho, bekulula ukubona ukuthi uRiveiro ubebeke iso elilodwa emdlalweni wangempelasonto weCaf Champions League.

IPirates izokwamukela i-CR Belouizdad emdlalweni kaGroup C e-Orlando Stadium ngeSonto ntambama. 

URiveiro uphumuze abanye babadlali bakhe abethembayo futhi nabaqalile wabakhipha abanye umdlalo ungakapheli ngenhloso yokubaphumuza.