EzintshaKaizer Chiefs

Isiyazisola iChiefs ngokuthenga ‘ingulube isesakeni’

Njengoba kulindeleke izinguquko kwiKaizer Chiefs, olunye lwazo lungase lushiye abalandeli bemangele.

Kuvela ukuthi leli qembu selinokuzisola ngomunye wabadlali elimthenge ngokuxhamazela, osekuvela ukuthi lithengiselwe ‘ingulube isesakeni’.

Ngokubika kweSNL24, iChiefs ifuna ukuqinisa konozinti phakathi kwezinye izindawo ezibona zixega. 

Manje seyibone omunye unozinti wangaphandle ongase abe wusizo, kodwa manje inkinga wukuthi isikhala somdlali wangaphandle sizovelaphi.

Isixazululo? Wukuthi idedele uFiacre Ntwari noma ke ibolekise ngaye yize kusaphele izinyanga eziyisithupha imthengile. 

UNtwari ujoyine iChiefs ngoJuni esuka kwiTS Galaxy la obekunguye ovimbe cishe kuyo yonke imidlalo ngesizini edlule. 

Efika kwiChiefs, ufike walinikwa ithuba kodwa wenza amaphutha amabi nagcine esemqhatha nabalandeli.

Kumanje uselizwa ngendaba ijezi njengoba sekuvimba uBrucce Bvuma, bese ebhentshini kube uBrandon Petersen. 

Lo mbiko uthi manje izinhloli zeChiefs sezihlonze unozinti ovimbela iqembu lesizwe laseZambia, iChipolopolo, uToaster Nsabata. 

Lo nozinti uke wavimba kwiBetway Premiership njengoba ebekwiSekhukhune United kumasizini amabili edlule. 

“Iqembu selihlonze ukuthi liyaxega konozinti,” kucashunwe umthombo usho kanje.

“Yingakho ke manje sebeqalile ukubuza ngonozinti weqembu lesizwe laseZambia uToaster Nsabata. 

“Kodwa ukuze bamlande, kuzomele badedele noma babolekise ngoyedwa wonozinti babo.

“NJengamanje bacabanga ngokubolekisa ngoNtwari. Akucaci ukuthi kuzoba manje ngoJanuwari noma ekupheleni kwesizini.” 

IChiefs ike yamataniswa nanonozinti weNigeria neChippa United, uStanley Nwabali kodwa ngathi isamile kuye. 

“Bafuna ukugxila ekubhekeni unozinti oyedwa ngesikhathi. Isimo sinjalo njengamanje.”