EzintshaOrlando Pirates

Ezintsha ngenkontileka kaSaleng kwiPirates

Noma yiliphi iqembu okungenzeka ukuthi belilinde, limincile ukuzwa ukuthi kwenzekani ngoMonnapule Saleng kwi-Orlando Pirates ngathi sekumele livele likhohlwe.

Lokhu kulandela ukuthi kuvele ukuthi noma yiliphi iqembu elingase lifune lo mdlali wasesiswini onekhono kuzomele limthenge kkwiPirates. 

“Inkontileka kaSaleng izophela ngoJuni 2025,” kusho umthombo ngalo mdlali ozakhele igama kwiFree State Stars. 

“Ngenhlanhla iPirates beyinommbandela wokwelula inkontileka yakhe ngokwengeza iminyaka emibili kuyo.

“Seyiwusebenzisile lowo mbandela. Lokho kusho ukuthi uSaleng uzohlala kwiPirates kuze kube okungenani uJuni ka-2027. 

“Noma iyiphi ikilabhu enentshisekelo kuzofanele iqale ixoxisane nePirates ngezifiso zayo noma ilinde uJanuwari ka-2027 ukuze imsayinise ngenkontileka yesibambiso.”

Ikusasa likaSaleng kwiPirates belilokhu lingesinye sezihloko ezihamba phambili kwezishwashwathayo ebholeni lakuleli.

Lokhu kulandela ukuthi evele wadicilwa le kude neqembu eliqala imidlalo emidlalweni yakamuva.

Imibiko engaqinisekisiwe iphakamise ukuthi kungenxa yezinkinga zakhe abhekene nazo.

Abanye bathi akaneme ngezinto ezimbalwa kwiPirates futhi ufuna ukuhamba. 

Iqembu lisalokhu lizithulele nje, futhi lokhu kuye kwavumela ukuqagela ngalo mdlali ukuthi kuqhubeke.