UNgezana usefunwa kumaligi angcono e-Europe
Umdlali wasemuva weBafana Bafana neFCSB uSiyabonga Ngezana kubikwa ukuthi usehehe amehlo eqembu elidlala kwiLeague One yase-England nelidlala kwiSerie A e-Italy.
Kuvela ukuthi iBirmingham City neLecce FC edlala kwiligi enkulu yase-Italy, iSerie A amfuna uthulo lo mdlali.
Lo mdlali oneminyaka engu-27 ubudala ukhombisa ukudlondlobala ngendlela encomekayo kusukela ejoyine izinkunzi zaseRomania iFCS.
Uyijoyine ekuqaleni kwesizini ka-2023/24 esuka kwiKaizer Chiefs okuyiyo eyavundulula futhi yathuthukisa ikhona lakhe kusukela esengumfanyana.
Emkhankasweni wakhe wokuqala, unqobe isicoco seligi neSuper Cup futhi waqokwa njengoMdlali waseMuva oVelele noMdlali wangaPhandle oVelele.
UNgezana uphinde wabamba iqhaza elikhulu ekusizeni iBafana Bafana ukuthi ikwazi ukungena kwi-Afcon ezayo eMorocco.
Iphephandaba yaseRomania iDigi Sport libika ukuthi bobabili iLecce neBirmingham City bazimisele ngokumsayinisa.
Womabili la makilabhu kuthiwa azimisele ngokukhokha imali yokumthenga ebekwe ngumengameli weFCSB, uGigi Becali.
Uma egcina ngokudayiswa kunoma yiliphi iqembu uNgezana, iChiefs izozuza nayo njengoba u-10% wemali azothengiswa ngayo uza kuyo.
Inkontileka yamanje kaNgezana neFCSB iqhubeka kuze kube uJuni 2027.
Yize ephazanyiswe wukulimala okuncane kule sizini, uNgezana usedlale imidlalo engu-22 emkhankasweni wakhe wesibili naleli qembu laseRomania.
Umnyakazo olandelayo walo mdlali wasemuva ungaphawula esinye isinyathelo esibalulekile emsebenzini wakhe.