Caf Champions LeagueEzintsha

Iphume imisila ingaphansi kwemilenze e-Orlando i-d’Abijan

I-Orlando Pirates inqobe kalula ngo 3-0 ihlula iStade d’Abidjan ngoMgqibelo ebusuku emdlalweni weCaf Champions League. 

Ngokunqoba kulo mdlalo obudlalelwa e-Orlando Stadium, iPirates yiyo esiqhwakele kuGroup C.

URelebohile Mofokeng uvule inkundla ngegoli ngomzuzu ka-22. 

Uqedele kalua ibhola ebelakhiwe wumnyakazo oqhamuke noMohau Nkota ngakwesikudla ngomzuzu ka-22. 

IPirates yakhe amanye amathuba amaningi kodwa yahluleka ukuwasebenzisa ukuthi ithole amanye amagoli.

Ngesiwombe sesibili uPatrick Maswanganyi ube esengezaigoli lesibili, ekhombisa ubuchule bakhe. 

Uphenduke nezitobha zimbhekile ebhokisini, qede wadedela ishodi ngonyawo lwesikudla, wezwa ngenjabulo yabalandeli unozinti uDrissa Bamba ukuthi selisenethini.

UDeon Hotto ube eseshaya elokuqinisekisa lokhu kunqoba ngegoli alishaye umdlalo usuyophela. 

Uqgashule esiswini, wagijima nesitobha waze wayongena naso ebhokisini qede washaya ishodi, naye ngonyawo lwesinxele, lagaxela enethini. 

Le wini iphushele iPirates esicongweni kuGroup C, ngamaphuzu ayisishiyagalombili, kanti ishiya i-Al Ahly ngephuzu elilodwa.

Ukunqoba uma seyibhekene ne-CR Belouizdad emdlalweni wayo olandelayo kuzoyibekisela indawo esigabeni somkhumulajezi.